South Africa (33) 76
Romania (0) 0
LIBUYE nephuzu elengeziwe eNdebeni yoMhlaba iqembu lakuleli lesizwe lombhoxo labesilisa ngesikhathi libhudluza iRomania ngo 76-0 emdlalweni wamaqoqo kuPool B eStade de Bordeaux, eFrance, ngeSonto ntambama.
Elakuleli belibheke ukunqoba okwesibili ngemuva kokushaya iScotland ngo 18-3 kowokuvula. IRomania ibixetshulwe yi-Ireland ngo 82-8 emdlalweni wayo wokuqala.
AmaBhokobhoko kuphoqeleke ukuthi enze ushintsho ngaphambi kokuqala komdlalo kulandela ukulimala kukaVincent Koch obezoqala kwi-prop.
Uthinteke umdlalo usuzoqala ngesikhathi iqembu lizivocavoca. Indawo yakhe ibe isithathwa nguTrevor Nyakane, uFrans Malherbe wangena ebhentshini.
IRomania ayilibonanga elidlalayo esiwombeni sokuqala njengoba ihlulekile ukumelana namandla abadlali baphambili bamaBhokobhoko kanye nejubane labasemuva.
Ngisho kwenzeka iqembu lika-Eugen Apjok lilithola ibhola belingakwazi ukudlula kumaBhokobhoko, agcine eselintshontshile ibhola bese ezijezisa izitha.
Kuyiwe ekhefini iqembu lakuleli lihamba phambili ngo 33-0 ngama-try ayisihlanu eqandeni, nokwenze asheshe aqinisekisa ukuthi ayalithola iphuzu elengeziwe elitholakala ngokushaya ama-try amane noma ngaphezulu. Amathathu abekwe nguCobus Reinach, kwathi uMakazole Mapimpi noDamien Willemse bashaya eyodwa ngamunye.
UWillemse, oqale endaweni ye-flyhalf, nguyena obenikwe umsebenzi wokukhahlelela amapali. Nakuba eyishaye eceleni i-conversion yokuqala akabange esalenza iphutha kwamane alandelile, ewabeka phakathi.
IRomania ithole amaphenathi amabili ebingakwazi ukufaka ngayo amaphuzu kodwa yehluleka. Eyokuqala ikhahlelwe nguTevatu Manumua eyibhekise emapalini kodwa wageja. Eyesibili bakhethe ukuyikhahlelela ekhoneni bezama ukuthola i-try, naleyo mizamo yaphelela emoyeni.
Emizuzwini engu-15 yokugcina esiwombeni sokuqala bese kugqame amaphutha, amaBhokobhoko esehluleka ukulibamba liqine ibhola ngenxa yemvula ebiyidliva eBordeaux.
INingizimu Afrika isiqale ngegiya eliphezulu isiwombe sesibili nge-try eshaywe nguDeon Fourie, ongene endaweni ka-Bongi Mbonambi. UWillemse uhlulekile ukuyifaka phakathi i-conversion kulokhu.
Kuke kwaba nemizuzu embalwa lapho iRomania iligcine kangcono ibhola yaze yasondela emapalini kodwa yaphinde yahluleka ukweqa umugqa laze labuyela kumaBhokobhoko.
Ngomzuzu ka-53, amaBhokobhoko athole i-penalty try ngenxa yokuthi iRomania iwavimbe ngokungemthetho kuphindelela sekusele kancane afike emugqeni wokushaya i-try.
UGrant Williams naye uzifakile emabhukwini eshaya ama-try amabili, uMapimpi washaya amanye amabili, enye yabekwa nguWillie le Roux.
Ngemuva kokuphuma kukaWillemse bese kukhahlela uFaf de Klerk, ongene esikhaleni sakhe. UDe Klerk ukhahlele ama-conversion amane, wawabeka phakathi amabili, washweba amabili.
I-Ireland iqhwakele kuPool B ngamaphuzu angu-10 kulandela ukunqoba i-Tonga ngo 59-16 ngoMgqibelo. AmaBhokobhoko alele isibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, kanti iScotland, iTonga neRomania basagingqa amaqanda.
Iqembu likaJacques Nienaber selizobhekana nenselelo enkulu uma seligadulisana ne-Ireland, ekleliswe phambili emhlabeni, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.