UKUFIKA kukanozinti ongesiyena umsinsi wokuzimilela kuleli, kwiKaizer Chiefs kungase kuqedele, uBruce Bvuma, indawo kwiBafana Bafana.
Lona wumbono womqeqeshi weBafana, uHugo Broos, awuveze kwabezindaba ngesikhathi egeqa amagula ngenkinga anayo ngokugqisha ngonozinti bangaphandle kwamaqembu adlala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
Ukuhlinzwa kwakamuva ehlombe kukakaputeni weBafana, uRonwen Williams, ikhona okususe le nkulumo uBroos ayenze kwabezindaba ethula isikwati sakhe ngeledlule.
UWilliams ngeke adlale koka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ne-Uganda ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.
Emuva kwalowo mdlalo iBafana izobhekisa amabombo kwelaseSouth Sudan lapho izodlala khona omunye ka-Group K ngoSepthemba 10.
UBroos odume ngokunganqeni ukuveza imibono yakhe, utshele abezindaba ukuthi akuyona into emthokozisayo ukuthi amaqembu amaningi kwiPSL avinjelwa onozinti bangaphandle.
“Kuyinkinga lokhu ngoba uma kulimala uRonwen kusho ukuthi sesinenkinga,” kusho uBroos.
“Ngiyabethemba laba engibalandile (uVeli Mothwa (AmaZulu), Ricardo Goss (SuperSport United) noSipho Chaine, Orlando Pirates) kodwa isimo sonozinti eMzansi asingiphathi kahle.
“KwiChiefs kukhhona uBruce (Bvuma), owunozinti engimethembayo kodwa sekuzoba nzima kakhulu ukumbiza ngoba sekunamathuba okuthi ijezi limeqe ekhona kulandela ukusayiniswa kowaseRwanda (Fiacre Ntwari).
“Bakhona onozinti beqophela nabasavunywa iminyaka eNingizimu Afrika kodwa bakhutshwa ukugcwala kwabangaphandle emaqenjini esigaba esikhulu.
“Angifuni lokhu kubukeke sengathi kukhona engiphuma nabo iqhubu kodwa ukugcwala konozinti bamaqembu esizwe ahlukene kwiPSL kuyinkinga kwiBafana,” kuphetha yena. UBruce akabizwanga esikwatini esizodlala ne-Uganda neSouth Sudan.
I-Uganda ezobhekana neBafana ngoLwesihlanu kumele ikhethe ukuthi lo mdlalo oseSoweto izovimbisa bani kuwona phakathi, kuka-Ishmael Watenga, ovimba kwiLamontville Golden Arrows noma, uSalim Magoola, weRichards Bay FC.
Ngaphandle kwalabo nozinti be-Uganda, izwe likaNtwari iRwanda, iseqoqweni elifanayo nokukhona kulona iBafana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezosingathwa yi-United States of America (USA), Mexico neCanada ngo-2026.
Eqoqweni elifanayo kukhona iNigeria evinjelwa, uStanley Nwabali, osemabhukwini eChippa United.
KwiSekhukhune United, kukhona uBadra Sangare, we-Ivory Coast, kanti kwiRoyal AM, kuvimba, uHugo Nyame, waseCameroon.
UManuel Sapunga, wase-Equatorial Guinea uyazenzela ejezini kwiPolokwane City. ISekhukhune ibuye ibophele noLoyd Kazapua, waseNamibia.