LIHLOSE ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu eNdebeni yoMhlaba yeT20 iqembu lekhilikithi emuva kokunqoba iNetherlands ngamawikhethi amane ngoMgqibelo.
AmaProteas azongena emdlalweni wesithathu wamaqoqo ngoMsombuluko ngo-4.30 ntambama, neBangladesh eNassau Country International Stadium, eNew York.
Iqembu liqhwakele kuPool C ngamaphuzu amane kulandela ukunqoba imidlalo emibili kuleli qoqo. Livule ngokuqumba phansi iSri Lanka ngamawikhethi ayisithupha, ngaphambi kokunqoba iNetherlands.
OweNetherlands ubunzima njengoba elakuleli linqobe selisalelwe amabhola ayisikhombisa.
INetherlands ibhethe kuqala yathola ama-run angu 103, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalolunye, amaProteas ahlanganisa ama-run angu-106 eselahlekelwe amawikhethi ayisithupha.
Amaqhawe amaProteas kube nguDavid Miller, oshaye ama-run angu-59 emabholeni angu-51, noTristan Stubbs, oshaye ama-run angu-33 emabholeni angu-37.
Bonke abanye abadlali bakuleli ababhethile abakwazanga ukufika kuma-run amahlanu. Lokhu kuhlanganisa ukaputeni u-Aiden Markram nesinye sezethenjwa, uQuinton de Kock, abaphume bengatholanga lutho.
“Bekunzima ngasekupheleni komdlalo kodwa sikwazile ukuwuqedela umsebenzi nabadlali abangena ngasekugcineni futhi ebengibathembile. Kudingeke ukuthi ngidlale ngokuzethemba, ngiqongelele ama-run kancane kancane kodwa ngilishaye ibhola uma ngilibona kahle,” kusho uMiller kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Besingabhekile ukuthi isimo sibe bucayi ngalolu hlobo ekubeni besijaha ngama-run angu-100 kodwa okusemqoka wukuthi sikwazile ukunqoba umdlalo sathola amaphuzu ebesiwafuna.”
Njengoba amaProteas esezobhekana neBangladesh, esadlale umdlalo owodwa neSri Lanka yawunqoba, uMiller uthe kungaba kuhle ukuthi bake babhethe kuqala uma kungenzeka bawine ithosi.
“Ngicabanga ukuthi yinto esisazoyidingida ngoba imidlalo ilandelana eduze. Umdlalo uzoqala ekuseni (ngokwesikhathi saseNew York), ngakho-ke kufanele sicabange ukuthi isimo senkundla sizobe sinjani. Ngicabanga ukuthi ukubhetha kuqala kungasisiza,” uqhube kanje.
“Uma uzithola usudinga ukujaha isibalo sama-run angu-150 noma ngaphezulu kulolu hlobo lwenkundla ungazithola ubhekene nomqansa. Sisazoxoxa sibone ukuthi yikuphi okuzovuna iqembu lethu.”
AmaProteas azodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo neNepal ezintathakusa ngoMgqibelo.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azodlulela esigabeni sesibili samaqoqo esaziwa ngeSuper 8.