Uvuma eyenselelo azobhekana nayo uma esekhetha iqembu elizodlala kwiRugby Championship umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, ngemuva kokuhlabeka umxhwele ngabadlali abasha abebabizele eqenjini lesizwe lebhola lombhoxo.
Iqembu lakuleli lisonge iCastle Lager Incoming Series ngokushaya iPortugal ngo 64-21 eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ntambama.
AmaBhokobhoko ashaye ama-try angu-10 kulo mdlalo, amane aqhamuka kubadlali abebeqala ngqa ukudlalela iqembu lesizwe.
Abane abasha abakwazile ukweqa umugqa nguPhendulani Buthelezi, Jan-Hendrik Wessels, Quan Horn no-Andre-Hugo Venter. UBen-Jason Dixon, oqale okokuqala eqenjini lesizwe, naye ushaye i-try eyodwa.
“Abadlali abasha bashaye into ecokeme. Abane kwabayisikhombisa bathole ama-try. Kuzoba nzima kakhulu ukukhetha isikwati esizodlala kwiRugby Championship,” kusho u-Erasmus.
“Bengibathembise bonke abadlali ebesibabophele ukuthi bazolithola ithuba lokudlala, besihlele kanjalo. Kuyasithokozisa ukuthi bonke bakwazile ukudlala okungenani imizuzu engu-20. Basibonge kahle ngokubanika lelo thuba, siyaziqhenya ngabo.
“Ngikholwa wukuthi iqembu esilisebenzise kulo mdlalo lingalithwalisa kanzima leli elidlale ne-Ireland. Abantu bangathi kukhona iqembu lokuqala nelesibili kodwa ngokwami awukho umehluko phakathi kwawo.
“Kufanele siyishayele ihlombe nePortugal ngokuza lapha izodlalela endaweni ephakeme njengaseBloemfontein kodwa ilwe kuze kube sekugcineni. Ngikhulumile nomqeqeshi wayo ekupheleni komdlalo futhi ubengadangele, ubejabule. Yilokhu abakudingayo.”
U-Erasmus uphinde waqinisekisa ukuthi iqembu elizovula iRugby Championship ngemidlalo emibili ne-Australia, ezodlalwa ngo-Agasti 10 nango-Agasti 17, lizomenyezelwa kusasa.
UPieter-Steph du Toit noSteven Kitshoff sebeluleme kanti uMalcolm Marx naye kulindeleke ukuthi abe yingxenye yohambo oluya e-Australia.
“Sineqoqo labadlali abangu-42 futhi sinabadlali abangenayo nabaphumayo eqenjini. UJasper (Wiese) kusamele abuye, kanjalo noDamian Willemse. UPieter-Steph noSteven Kitshoff sebeluleme futhi kubukeka sengathi uMalcolm angadlala emdlalweni wesibili,” uqhube kanje.
“Kuzofanele siqaphele ukuthi abadlali sibanika nini amathuba okudlala. Baningi abadlali abakulungele ukudlalela amaBhokobhoko. Nakanjani sizobafaka kancane kancane nalaba abebelimele. Abanye bangase badlale ne-Australia, bangadlali uma sesibhekene neNew Zealand kodwa babuye uma sesidlala ne-Argentina,” uphethe kanje lo mqeqeshi.