ZIZULELWA amanqe izichuse zobandlululo kuleli okusolwa ukuthi yizona ezinomthelela owenza ezinye izinhlanga zibukele phansi ezinye.
Lokhu kushiwo nguNksz Thandiwe Ntshinga ongomunye wabagqugquzeli beBlack Lives Matter ngenkathi le nhlangano inombhikisho wokuthula wokuhlonipha bonke ababulawe amaphoyisa nokuhlukumezeka kwabesifazane kuleli.
Lo mbhikisho kade useConstitution Hill eBraamfontein, eGoli.
“Lena yindlela yokuzwelana nabo bonke abantu abamnyama okukhona ukucwaswa ngokobuzwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kusho uNksz Ntshinga.
Uthe ukuba khona kwezichuse zobandlululo, kwenza abamhlophe bakhulume noma ngabe yini abayithandayo, emva kwalokho baxolise.
NgokukaNksz Ntshinga, kumele uhulumeni ayisukumele indlela abantu besifazane abahlukumezeka ngayo kuleli.
Ezinye zezinto abebebhikisha abazibalile ukuthi uhulumeni kumele azibhekele ngasohlangothini lwabantu abamnyama, ukwabiwa komnotho ngendlela elinganayo.
Bakhale ngokuthi kuba yinselelo enkulu ukukhulisa abantwana okuzothi uma sebebadala, bakhishwe inyumbazane kwezonotho ngenxa yebala labo elimnyama.
“Bathini nje abaholi ngalokhu. Abesifazane kuyabhakhathaza indlela okwenzeka izinto kuleli. Sifuna kwenzeke ubulungiswa kuhlonishwe bonke abesifazane asebafe ngokuhlukunyezwa,” kubalisa omunye wababhikishi.
Omunye wababhikishi uthe ufisa nezingane zakhe zikhule zazi ukuthi kwenzekani ezweni.
“Kumele bazi ukuthi izakhiwo zobandlululo azinandawo kuleli, nokuthi kufanele kube nobulungiswa nokuzinikela okusemthethweni sisekelo onikeza wonke umuntu isithunzi,” kuchaza omunye wababhikishi.
Ngenkathi uZozibini Tunzi engu Miss Universe ebuzwa ngeqhaza lakhe kulo mkhankaso ohlelweni lwasekuseni iCatch Up kwiNewzRoomAfrika, uthe uzwelana kakhulu nabesifazane abahlukunyezwayo.
UMISS Universe uNksz Zozibini Tunzi, uthi naye ziyamthinta izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kuleli, nokuthi abenza lokhu basuke besithola kuphi isikhathi sokwenza izenzo ezinyantisa umzimba ngalolu hlobo Isithoimbe: COURTNEY AFRICA/African News Agency(ANA)
Ubuze ukuthi abantu abenza unya olufana nalolu kubantu besifazane, basithathaphi isikhathi sokwenza lokhu?
“Nginabantu abangu-2 million abangilandelayo. Okwenzekayo nami kuyangithinta,” kusho yena.
Kukhalwa ngokubaluleka kwempilo yomuntu omnyama nje, zilokhu ziqhubeke njalo izigameko zokubulawa kwabantu besifazane kuleli.
Omunye wabo kube uNksz Tshegofatso Pule (28) obekhulelwe owatholakala elenga esihlahleni eRoodepoort ngeledlule emva kokuduka engaziwa ukuthi ukuphi.