ZIZOMAKWA kusetshenziswa ubuchwepheshe ezinye zezifundo ezifana nemaths kwa-matric kulo nyaka.
Kuzohlolwa lolu hlelo ngezifundo ezingenabo abafundi abaningi abazibhalayo ukuze lusetshenziswe nangomuso.
Obhekelele izivivinyo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uDkt Rufus Poliah, uveze ukuthi zingu-184 izikhungo zokumakela u-matric kanti sebeqoke nabazomaka abangu-52 157.
Uthe uma kukhona umuntu ongenawo amava okumaka, ngeke bangabaze ukumsusa.
Uveze ukuthi emihlanganweni ethinta ukumaka, isifundo ngasinye basibheka ngelokhozi njengoba basuke bebheka izinto eziningi.
“Sibheka nendlela abafundi abaphendule ngayo ngoba asifuni kube nalabo abazoba ngabagilwa. Uma kungukuthi emaphepheni abebhalwa sibone ukuthi kube nephutha kweminye imibuzo, sizoyisusa ukuze abafundi bangagcini sebezithola bengenzi kahle ngenxa yephutha lomnyango. Njengoba sihlola uhlelo lokumaka ngobuchwepheshe, sifuna ukuhambisana nesikhathi samanje.”
Uthe labo abazobe besebenzisa lolu hlelo lokumaka bazokwenza lokhu besemakhaya.
“Kunohlelo abazongena kulona okuzobe sekukhona kulo amaphepha okumele bawamake. Nabo bazobe beqashwe ngelokhozi njengoba kwenzeka kulabo abamakela ezikhungweni zokumaka.”
Uveze ukuthi zonke izifundazwe zizobe zilusebenzisa lolu hlelo lokumaka.
“IGauteng iyona ezihola phambili kulolu hlelo. Kuzobe kumakwa iphepha lokuqala le-Accounting nelesibili leMaths. Kwezinye izifundazwe kuzobe kumakwa iphepha lesibili leMaths noMusic. Sifuna abamakayo babone ukuthi lolu hlelo lumi kanjani.”
UPoliah uthe ngomuso lolu hlelo luzonabela nakwezinye izifundo.
Uthe iSouth African Sign Language (SASL) izomakwa ekomkhulu lomnyango ePitoli.
“Othisha abafundisa lesi sifundo kanjalo nalabo abangabasizi babo bazohlangana endaweni eyodwa ePitoli ukuze bamake lesi sifundo.”
Uveze ukuthi uhlelo lokufakwa kwamamaki emakhompyutheni luzophothulwa ngoDisemba 23.
Umkhandlu olawula izingabunjalo lika-matric, Umalusi, uzogunyaza ukukhishwa kwemiphumela ngoJanuwari 12, 2024.
UNgqongqoshe woMnyango, uNkk Angie Motshekga, uzodedela imiphumela ka-matric ngoJanuwari 18 bese ngakusasa ikhishwa yizifundazwe.