IQEMBU elisha, uMkhonto weSizwe, lithi kalisahlehli esinqumeni salo njengoba owayengumengameli, uJacob Zuma, ephezulu ohlwini lwalo, lifuna abuyele aphathe izwe.
Amaqembu ezepolitiki amatasa alungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29, nonyaka. Inhlangano yokhetho i-IEC ngoLwesihlanu, ivalile ukwemukela uhlu lwabazomela amaqembu ePhalamende.
Uhlu lwamalungu e-ANC luputshukile, kuthe kusabatshazwa lona kwavela nolweMK ehlasela ngoZuma phezulu eqhulwini.
UMkhonto weSizwe yiqembu elimenyezelwe ngoDisemba nyakenye, lapho uZuma aphumela khona obala ethi uyaleseka, akasayingeni eye-ANC. Kunengqinamba yokuthi uZuma uke walahlwa yicala kanti i-IEC ayibemukeli abantu abanjalo ohlwini.
Kuphinde kube nemibuzo yokuthi njengoba eke waba wumengameli usazokwazi yini ukuphinda angenele umbango wesikhundla esebuya ngelinye iqembu?
Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnuz uNhlamulo Ndhlela, uxoxe neSolezwe ngohlu lwabo lwasePhalamende olusabalele ezinkundleni zokuxhumana. Uhlu lukhomba uZuma phezulu eqhulwini, alanywe nguMnuz Jabulani Khumalo olele isibili.
Uthe bazolwa banqumuke izindla impela akusajiki, uZuma kufanele abe wumengameli uma benqoba. Sekuvele kuqalile ukusabalala izithombe zikaZuma njengokunguyena owubuso beMK.
UNdhlela uthe bakhathezekile ngokuthi uhlu lwabo luputshukile futhi basafuna ukubheka ukuthi yilona ngqo yini. Uthe kuyiqiniso ukuthi uZuma uphezulu ohlwini lwabo futhi kufanele abe wumengameli wezwe.
“Uzoba wubuso esizokhankasa ngabo futhi wuyena esihlasela ngaye kwesikamengameli. Indaba yerekhodi lobugebengu ayikho ngoba kwakungelona icala lobugebengu kodwa kwakuyicala lombango. UZuma akaze avele enkantolo yemantshi noma enkantolo enkulu alahlwe yicala,’’ kusho uNdhlela.
Ungoti wezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala onguMqondisi weZikalala Attorneys, uthe awekho nakancane amathuba okuthi abeMK banqobe noma bengaya enkantolo ngalolu daba.
“I-IEC yiyona enamandla okumchitha uZuma ngenxa yokuthi walahlwa yicala. Umthetho uthi uma umuntu walahlwa yicala wagwetshwa izinyanga ezingu-12 enganikiwe nethuba lolukhokha inhlawulo, ngeke aye ePhalamende. UZuma wagwetshwa izinyanga ezingu-15 futhi wayengeke asidonse isigwebo uma engatholwanga enecala,’’ kusho uZikalala.
Uthe uZuma akanalo ithuba lokungena ePhalamede futhi lokho kucace bha, kungenzeka ukuthi basebenzisa igama lakhe nje ngoba ewumuntu onodumo kwezepolitiki.
Ngokuvamile uma iqembu lididiyela uhlu lwasePhalamende, lowo abahlasela ngaye kwesikamengameli uba ngowokuqala ohlwini. Abanye abaqaphelekayo ohlwini nguMnuz Des Van Rooyen wodumo lwesikhundla sikangqongqoshe wezeziMali owafakwa wakhishwa.
UVan Rooyen ungunombolo 12 ohlwini kanti kuvela negama lendodakazi kaZuma, uDuduzile. Kuvela negama likaMnuz Phumlani Mfeka wodumo lwenhlangano Injeje yaBeNguni yena ongunombolo 175 ohlwini.
Sebebonke bangu-200 ohlwini kanti kugqishe amagama abantu abangaziwa kahle kwezepolitiki. UNdlhela uthe baningi abantu abasebenzayo nabanamagalelo kwezepolitiki kodwa abangadumile.
UNdhlela uthe iqembu lilungiselela ukwethula umhlahlandlela wokhetho ekuqaleni kuka-Ephreli, wathi bankankanya cishe umhlaka 6. Uthe ngeke kube senkundleni yezemidlallo futhi indaba yaseFNB le esabalele, ayikho. Uthe bazoqhamuka nento ehlukile nengakaze ibonakale.