ZIYANDA izinkinga zeSA Post Office njengoba isifakwe enkantolo yizinkampani ezikweletwayo.
Kubikwa ukuthi lezi zinkampani zifuna iPosi lithathwe njengenkampani engenamali bese kucazwa impahla yalo ukuze kukhokhwe izikweletu.
Isolezwe lithumele imibuzo kwabeSA Post Office ukuthola ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi sebefakwe enkantolo yizinkampani ezifuna imali yazo.
UNkk Suzie Khumalo okhulumela iSA Post Office, uthe uyabonga ukuthintwa yiSolezwe ngalolu daba kodwa akukho azokusho okwamanje njengoba bezokhipha isitatimende ngokuhamba kwesonto.
Kuzokhumbuleka ukuthi isikhulu esiphezulu seSA Post Office, uNkk Nomkhitha Mona, sathi iPosi linezikweletu zikaR4.4 billion kanti uhulumeni uzimisele ukulitakula ngemali elinganiselwa ku-R2 billion.
Njengamanje iPosi lihlela ukudiliza abasebenzi abawu-6 000 ukuze kunciphe izindleko zokusebenza kanti kuthiwa lesi sibalo sesehlile safinyelela ku 3 000 njengoba abanye abasebenzi bethathe umhlalaphansi kanti abanye bathole eminye imisebenzi.
Izinyunyana zabasebenzi okuyiSolidarity neCommunication Workers Union (CWU) sekukaningi zifaka iSA Post Office enkantolo ngoba zifuna ikhokhe izibonelelo zabasebenzi okubalwa ne-medical aid yabo.
Ngonyaka odlule iSolidarity yaveza ukuthi iSA Post Office ikweleta abasebenzi uR824 million wempesheni ne-medical aid obekufanele ukuthi bayikhokhelwa nyangazonke.
IPosi aligcini ngokukweleta abasebenzi kodwa likweleta irenti yomastende abahlukene abangabanikazi bezakhiwo elisebenzela kuzo.
Muva nje uhulumeni wethule izinhlelo zokuthi abantu balande imithi yabo.