BANIKWE izinsuku ezingu-14 ukuthi baphikisane nokukhonjwa indlela eqenjini iCope abaholi ababili okuyiPhini likamengameli waleli qembu uMnuz Willie Madisha noMnuz Mzwandile Hleko, unobhala obhekele ukhetho.
Laba baholi baphucwe ubulungu emhlanganweni wekomiti obungeSonto.
Isimemezelo esenziwe yibamba likaNobhala jikelele weCope uMnuz Eric Mohlapamaswi, siveze ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngokuhlanganyela kusetshenziswa isigatshana u-25(3) somthethosisekelo weqembu.
Uthe uMadisha uzolahlekelwa nayisihlalo ePhalamende ngokuphula imigomo yeqembu.
“Laba baholi bebenza izinto ezingagunyaziwe yiqembu njengokuba nemihlangano engagunyaziwe, nokusebenzisa imali yeqembu. Bebesebenzisa izikhundla abangagunyazwanga kuzona yikomiti.”
Kwenzeka lokhu nje abaholi balo uMnuz Mosiuoa Lekota ongumengameli noMadisha babhekene ngeziqu zamehlo njengoba nyakenye uMadisha azama ukumumisa.
UMadisha wasola uLekota ngokuhluleka ukuhola iqembu njengoba engemnandi empilweni.
ULekota wakuchitha lokhu wathi uMadisha njengephini lakhe akanawo amandla okumumisa futhi uyaqhubeka nomsebenzi wakhe.
UMohlapamaswi uthe laba bazitholile izincwadi ezibakhomba indlela.
Uthe bayalelwe nokuthi babuyise zonke izinto zeqembu lungakashayi uLwesihlanu.
Ekhuluma nohlelo lwezindaba iNewzroom Afrika, uHleko, uthe uMohlapamaswi akakaze akhethwe njengonobhala jikelele.
Uthe akakwazi ukuthumela incwadi yokubamisa waphinde wasola uLekota ngokuthi akayithandi intando yeningi.
“ULekota kade agcina ukuya ePhalamende, kumele azochaza. Uhleli ekhaya akenzi lutho, uMadisha usebenza yedwa ehla enyuka,” kusho uHleko.
Uthe abamesekayo bayamvikela ngoba befuna ukuthi athathe elinye ihlandla.
“Sizokhuluma nabameli bethu ngoba uMohlapamaswi akayilutho eqenjini. Ayikho ingqungquthela eyamkhetha.”
UMohlapamaswi eziphendulela uthe umthethosisekelo weqembu, uthe bebengakwazi ukuya engqungqutheleni ngenxa yobhubhane iCovid-19, kusuka ngo-2020.
Uthe wakhethwa amalungu ekomiti leqembu njengebamba likanobhala jikelele ngemuva kokushona kowayengunobhala jikelele.
Imizamo yokuthola uMadisha ayiphumelelanga.