KUQUBUKE imvunge ngesenzo soMnyango weMfundo ePhakeme, sokubuyisela emuva uR580 million kuMgcinimafa ngoba ungasebenzanga.
Imvunge iqutshulwa wukuthi iningi likholwa wukuthi le mali ngabe yenze izinto eziningi okuhlale kukhalwa ngazo ezikhungweni zemfundo ephakeme, okungamanyuvesi namakolishi amakhono ama-TVET.
Okukhalisa kakhulu izinhlangano zezitshudeni wukuthi imali ibingasetshenziselwa ukwesula izikweletu zezitshudeni, ukuxhasa izitshudeni ezidonsa kanzima nokwenza ezinye izinto ezibalulekile.
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU), udumele ngesenzo somnyango uthi le mali ibingasiza enkingeni yengqalasizinda ezikhungweni zemfundo.
I-Saftu ithe imali ibingasiza izitshudeni ezingu-476 ezincishwe uxhaso kulo nyaka wezimali yisikhwama iNSFAS.
“Minyaka yonke kuhlale kunesililo, izitshudeni zikhala ngoxhaso ekubeni umnyango ubuyisela emuva imali. Le mali ibingenza izinto eziningi okubalwa nokuphucula ingqalasizinda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukuthenga izinsiza kufundisa ezifana namakhompyutha angasebenzi ezikhungweni,” kusho iSaftu.
Umengameli weSasco uMnuz Vezinhlanhla Simelane, ugxeke umnyango ngokubuyisela emuva imali engabe isize izitshudeni.
Uthe kunezitshudeni ezingaxhasiwe yiNSFAS ezisalinde isinqumo salesi sikhwama ngokuthi ziyaluthola uxhaso.
“Kuhlale kuthiwa imali ayenele yokuxhasa izitshudeni kodwa kubuyiselwa emuva imali. Inkulu kakhulu le mali ukuthi ingabuyiselwa emuva imali engaka,” kusho uSimelane.
Ugxeke obengungqongqoshe womnyango uDkt Blade Nzimande, ngokubuyiselwa emuva kwemali.
“Sethemba ukuthi ubuholi obukhona buzoyibhekisisa le nkinga. Kumele le mali ibuyiselwe emnyangweni ukuze izosiza izitshudeni ezidonsa kanzima.”
Ibamba likanobhala jikelele wenhlangano i-The Economic Freedom Fighters Students’ Command (EFFSC) uMnuz Khanya Bungane, ligxeke umnyango ngalesi senzo lathi imali kumele ibuyiswe ukuzokweseka izitshudeni ezidonsa kanzima.
UBungane uthe uhulumeni we-ANC uhlulekile ukuthuthukisa abantu abasha nezwe ngoba akukwazi ukuthi imali engaka ingabuyiselwa emuva.
“Izitshudeni zishoda ngendawo yokuhlala ezikhungweni zemfundo. Izinsiza ziyashoda, liphezulu izinga labalaxaza izifundo bengaqedanga. Sidumele ngokuthi kunemali engaka ebuyiselwa emuva phezu kwezingqinamba ezingaka emfundweni ephakeme.”
UMnuz Lucian Kearns, ibamba lomphathi wezimali emnyangweni, uthe le mali ebuyiselwe emuva eyeminyaka emibili yezimali.
Uveze ukuthi ingu-R462 million imali eyabuyela emuva okwakungeyonyaka wezimali u-2022/2023, noR117 million wangonyaka wezimali u-2023/2024, kanti uma isihlanganisiwe ibalelwa kuR580 million.
“Le mali kwakumele isebenze ukuvala izikhala ezikhona ezikhungweni zemfundo ephakeme. Imali ethinta ezinye izidingo ezibalulekile njengokuxhaswa kwezitshudeni yasebenza cishe yonke,” kuchaza uKearns ekhuluma nesiteshi sethelevishini i-ENCA, izolo ekuseni.
Uthe uma befake isicelo sokwabelwa imali basuke behlele ukuyisebenzisa yonke kodwa kuke kubekhona izingqinamba ezenza ukuthi izifiso zingafezeki.