UKWANDA kwezigameko zabesifazane abahlukunyezwe ngokocansi kukhomba ukuthi amadoda kumele enze okuthile ukuze aqede ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Lokhu kushiwo yiPhini likaMengameli wakuleli, uMnuz Paul Mashatile ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezinksuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, i-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children, ngoMgqibelo, eMpumalanga.
UMashatile uthe ngokwezibalo zeStatistics SA zika2022/2023, bangu-53 900 abesifazane ababike amacala okuhlukunyezwa ngokocansi eziteshini zamaphoyisa kuleli. Bangu-4 726 ababike amacala okudlwengulwa ngabantu ababaziyo.
"Kuyadabukisa ukusho ukuthi ngaso lesi sikhathi, kubikwe izigameko ezingu-361 zokuzama ukubulala abesifazane namacala angu-1 820 okushaya nokulimaza kabi izingane. Kumele sikuqede lokhu.
“Lokhu kumele sikwenze siwumphakathi. Asikwazi ukuthula singenzi lutho sibukele inkululeko yabesifazane iphulwa ngabantu besilisa abayizihlobo, ozakwabo nabaxhaphaza abesifazane abasebasha ngokocansi nabajatshuliswa ukulala nezingane," kusho uMashatile.
EThekwini ngoMgqibelo, uMengameli Cyril Ramaphosa wethule umkhankaso wokukhulisa abafana abangabahlukumezi abesimame, i-Raising a Boy Child.
"Uma abantu bebuka izwe lethu, babona izwe elikhungethwe udlame olubhekiswe kwabesifazane. Kuyisihlava, ihlazo into esingeke saziqhenya ngayo njengamadoda. Kuyinhlekelele ezweni lethu. Uma umhlaba wonke ubheka iNingizimu Afrika, bathi iyikhaya elinodlame lobulili. Kumele sikuqede lokhu. Kumele sigqoke ibheji lokuhlonipha, ibheji lenhlonipho yabesilisa kwabesifazane," kusho uRamaphosa.
ILinzwa Foundation ivule lo mkhankaso ngokuthi ibe nohambo lokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, KwaDlangezwa eMpangeni.
Umsunguli wale nhlangano uNksz Lindiwe Dube, uthe bagxile ezintweni eziqeda indlala ezingenziwa abesifazane, ngoba bayazi ukuthi abanye abantu besifazane babekezelela ukuhlukunyezwa ngoba bebona ukuthi bazobulawa indlala uma beshiya abantu besilisa ababahlukumezayo.
“Abantu besifazane sibafundisa ukulima izingadi badayise imikhiqizo yabo nokushintsha izitshalo zabo benze ngazo ijusi ukuze ihlale isikhathi eside,” kusho yena.