UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana uveze ukuthi izibonelelo zikahulumeni zabelwe izigidigidi ezingu-R284.7 ngonyakamali ka-2025/26. Kuthiwa bangu28 million abantu bakuleli abathola izibonelelo.
Lokhu kusho ukuthi zizonyuka kanje izibonelelo ngokuhlukana kwazo:
• Izibonelelo zabadala nokukhubazeka R130 kuya ku-R2 315 ngo-April.
• Isibonelelo Sikahulumeni Sezingane R30 kuya ku-R560 ngenyanga.
• Imali yesibonelelo sikahulumeni sezintandane ngama-R70.
I-COVID19 Social Relief of Distress (SRD), ngendlela ekuyo njengamanje, izokwelulwa ngonyaka ukuze ekupheleni kukaMashi 2026. Kubekwe u-R35.2 billion ukubhekelela lesi sibonelelo.