ZIKHALA ezimathonsi izisulu zasezingxenyeni ezahlukene zaseNanda ezithi sezike zagileka ngenxa yobugebengu obudla lubi kule ndawo.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume nezisulu ngemuva kwesigameko esibe sematheni sokubulawa kwabayisihlanu ngeledlule ebebesolwa ngokuhlaliswa lubhojozi komphakathi waseBhambayi, eNanda.
Umphakathi uvuke umbhejazane wazibambela mathupha kulaba. Kwabe sekuboshwa abangu-12.
UMnuz Zakhele Hlongwane wakhona eBhambayi uthe ngonyaka odlule kwagqekezwa kwakhe kwathathwa yonke into.
Uthe izinswelaboya kazigcinanga lapho zaphinde zamshaya zamlimaza kabi waze wabuya nasesibhedlela.
"Ngathi uma ngiyovula icala emaphoyiseni angitshela ukuthi mangibuye ngibuye asematasa nokuthile. Ngathatha isinqumo sokuthi ngingabe ngisabuya ngavele ngaduba,'' usho kanjena.
UMswawenkosi Ndimande waseMaoti uthe okwamehlela uyokuxoxela amagwababa echobana.
Uveze ukuthi ngoJuni ngonyaka odlule kwangena abasolwa abayisikhombisa emzini wakhe bambhaxabula kabuhlungu, bangagcina lapho bathatha nemali yakhe engu-R6000.
"Okungiphatha kabuhlungu ukuthi akukho amaphoyisa angisiza ngakho. Lavulwa icala kwathi ngemuva kwezinyanga ezimbili kwathiwa selisuliwe leli cala,'' usho kanjena.
Omunye wesifazane ocele ukuba ligodlwe igama lakhe uthe kubo ngoJanuwari kwagasela abesilisa ababili babaphoqa ukuba bakhumule. Uveze ukuthi ungumhlali waseBhambayi,
Uthe vele bahlala bathathu bangabantu besifazane. Uthe basinda ngokulambisa ngoba omakhelwane bezwa bekhala bafika bazosiza.
"Namanje akuvumi ukuthi ngilukhohlwe loluya suku. Sobathathu sase sikhunyuliswe izingubo kwasiza khona ukufika komphakathi,'' kuchaza owesifazane.
Úlimise ngesihloko elokuthi itshe limi ngothi eNanda. Uchaze le ndawo njengegubuzelwe yizinswelaboya ezinesihluku futhi ezingenandaba namuntu.
UMnuz Mzwandile Dube waseMaoti uveze ukuthi eminyakeni eyedlule bangaphezulu kuka-59 abantu ababe yizisulu bebanjwa inkunzi njalo ekuseni uma beya emsebenzini.
Uthe kungcono manje ngenxa yokuthi baba nomhlangano bewumphakathi bavumelana ngokuthi makube khona abesilisa abaphelezela abantu uma beya emsebenzini.
Kunomunye wesilisa oyingxenye yabasolwa abangu-12 ababoshelwe ukubulala abahlanu okuvela ukuthi bangena emzini wakhe badlwengula amadodakazi akhe amabili phambi kwakhe.