ABHOKILE amasela eba izimoto zikaMasipala weTheku uma abasebenzi bephumile beyolungisa ingqalasizinda yamanzi nekagesi.
Isolezwe lithole ukuthi izimoto zikaMasipala zebiwa kakhulu eMayville, Folweni, eMlaza, KwaMashu, Zwelibomvu, KwaNdengezi naseHammarsdale.
Kuvela ukuthi enye iveni kaMasipala weTheku ibanjwe isiseLimpopo ibheke eZimbabwe.
Kulo nyaka wezimali uMasipala usulahlekelwe yizimoto ezingaphezu kuka-100.
Usuze waqala umkhankaso ogqugquzela abantu ukuthi bashayele u-0800 235 338 uma ubona kudunwa izimoto zawo.
Esitatimendeni iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe ukudunwa kwezimoto zikaMasipala kuphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo kubantu.
Iveze ukuthi akudunwa kuphela izimoto zikaMasipala kodwa nezimoto zosonkontileka abasebenzisana nomasipala ziyathathwa.
Iveze ukuthi abasebenzi bayahlukumezeka emoyeni abanye balinyazwe nasemzimbeni uma kudunwa izimoto.
Ucele umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ubike izigebengu eziduna izimoto.
UMnuz Malcolm Joshua oyiNhloko ophikweni lwezimoto zikaMasipala, uthe basebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi ziyaboshwa izigebengu eziduna izimoto zabo.
Ukhale ngokuthi umphakathi uvamise ukugxeka uMasipala uma kuthatha isikhathi ukulungiswa kwengqalasizinda ube ungazi ukuthi amathimba abethunyelwe ukuthi ayoyilungiswa aseduniwe.
Izimoto ezebiwa kakhulu ngezophiko lukagesi, olwamanzi nolwemigwaqo.
USuperintendent Boysie Zungu, okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uthe, abakwazi ukudalula okuningi kakhulu ngokwebiwa kwezimoto kodwa zonke izigameko ziyaphenywa ukuze kuboshwe amasela.
Ucele umphakathi ukuthi uzibike zonke izigameko zokudunwa kwezimoto nezokudicilelwa phansi kwengqalasizinda ukuze kujeziswe izigangi.