KUBUKEKA sengathi abaculi bakamaskandi abasagcini nje ngokuqhudelana ngengoma kule mihla kodwa sebethelelana nangomkhuba omuhle wokuvusa imizi yakubo ezindaweni ezisemakhaya. Omaskandi bayaziwa ukuthi bakhonze ukuchoma nangomswenko kodwa sebeswenkisa nemizi yasemakubo manje.
Umculo kamaskandi kule minyaka, ubonakale ungenisa kakhulu ngisho kubantu abangebona abasemakhaya. Kuqhudelwana ngezitayela zokugqoka kuze kuqhudelwane nangayo impumelelo yabaculi, imizi nezimoto. Abalandeli bafaka izithombe zezindlu ezakhiwa ngamaqhawe abo beqhoshelane ngazo ezinkundleni zokuxhumana.
Sekwejwayelekile ukuthi ezinkundleni zokuxhumana uzithele ezithombeni umaskandi thizeni eveza izakhiwo zezindlu ezindaweni zasemakhaya. Kushiyana amandla ngoba abanye bakha izithabathaba zemizi ezibonakalayo ukuthi kukhokhwe imali eshisiwe.
Kamuva nje kade kubatshazwa uGatsheni insizwa yasoPhongolo esematheni ngezingoma ezihlabahlosile. UGatsheni, ozibiza ngegagu lasoPhongolo, uveze umuzi wakubo asanda kuwuvuselela ngezindlu ezintsha.
Insizwa yasoPhongolo ezakhele udumo ngengoma ethi Yimi uMalume, iveze izithombe yabonga nabalandeli ngokuyeseka yabonga nabayiqashayo.
UGatsheni exoxa neSolezwe ngeMpelasonto, uthe kwakuhlala kuyisilonda enhliziyweni yakhe ukubona isimo sakubo sibheda.
“Nganginamahloni ngesimo sasekhaya ngazibekela ukuthi uma izinto zilunga ngiqale ngokulungisa ekhaya. Ayikho indawo edlula ikhaya ngoba ngisho ungahamba uyephi ugcinela khona. Ngiyafisa ukugqugquzela izinsizwa ukuthi zilungise amakhaya uma zithola amandla,’’ kusho uGatsheni.
UGatsheni uvele unayo ingoma aduma ngayo ethi Koze Kulunge, kuyona usuke ekhuluma ngokuthi kubo kunezindlu zodaka kodwa uyethemba ukuthi koze kulunge.
Akagcinanga nje ngokuveza izindlu kodwa uveze ngisho umhlambi wezimbuzi ezinhle zigcwele igceke kucaca ukuthi ukhonze imfuyo. Uke wafaka nesithombe ekhombisa imoto yakhe entsha eyikhipha esitolo.
UKhuzani ngelinye lamaciko enze into yamehlo eMandaba, eNkandla. UKhuzani wakhe isithabathaba somuzi wabiya kahle kanti naye uke afake izithombe ezinkundleni zokuxhumana bamhalalisele. UKhuzani uze afake nezimoto ezinhlobonhlobo abantu bambongele.
KuKhuzani akugcinanga ngaye ngoba negidangoma lakhe uThibela Mpungose wenze okufanayo wakha izindlu kubo khona eNkandla. Naye ujwayele ukuwuveza umuzi wakubo nezimoto zakhe.
UKhuzani akakufihli ukuthi isimo sakubo sasisibi kakhulu ngaphambi kokuthi adume abe wumculi.
Igcokama Elisha nalo lenza okufanayo lishaya isithabathaba somuzi esigodini saseMdletsheni, eHluhluwe. Igcokama nalo lishaye izindlu ezinhle labiya kahle lahlobisa futhi nalo lihlala lifaka izithombe lipholile khona. Okunye okuqaphelekayo wukuthi nalo Igcokama lizikhonzile izimoto ngoba lihlala liziveza.
UQhoshangokwenzakwakhe naye phambilini ubeveza izindlu kubo ethi enye uyakhele umzali wakhe. Abantu bamhalisela naye bencoma umsebenzi omuhle. UNtencane naye kuke kwavela ukuthi uphezu komshikashika wokwakha isithabathaba eshintsha isimo sakubo esasingagculisi.
Imfezi Emnyama nayo yake yazifaka izithombe iveza izindlu ezinhle ezakhile kubo igqugquzela abanye omaskandi ukuthi bangakushalazeli ukuvusa amakhaya. Kubaculi abadala kwake kwasabalala izithombe zomuzi kaMtshengiseni “Indidane” Gcwensa ewakhe kwaMajozi, eMsinga. waduma kakhulu umuzi weNdidane nayo yayivame ukuchoma ngawo ithi kukwaDlulujeqeze.
Nayo iNdidane yayithanda ukuchoma nangezimoto iziveza njalo izibhala namagama ayeziqamba ngawo.