INYUVESI yakuleli i-Unisa isinxuse izitshudeni ukuthi zibhalise njengoba namhlanje kuvalwa uhlelo lokubhalisa.
INYUVESI yakuleli i-Unisa isinxuse izitshudeni ukuthi zibhalise njengoba namhlanje kuvalwa uhlelo lokubhalisa.
Inyuvesi ithe iyazi ukuthi ezinye izishudeni azikabhalisi ngoba zikweleta kanti ezinye zisalinde imiphumela.
Okhulumela inyuvesi uMnuz Tommy Huma, uthe kuyavalwa namhlanje ukubhalisa kulabo abenza iziqu ze-Degree, Honors, MBA neMBL.
Uthe ezinye zazo azikabhalisi ngenxa yokuthi kunemiphumela engakaphumi.
“Izisebenzi zenyuvesi zisebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi iyakhishwa imiphumela yezivivinyo zangoMeyi/Juni. Ibalelwa ku-3% imiphumela engakaphumi.”
Uthe inyuvesi izovumela lezo zitshudeni ezikweletayo ukuthi zibhalise.
“Izitshudeni ezikweleta imali yangonyaka odlule u-2022, kodwa ezisalelwe ama-modules amabili ukuze ziphothule iziqu zazo, zizovunyelwa ukubhalisa. Kumele ziqale zigcwalise ifomu ezivuma kuyona ukuthi ziyakweleta. Kanjalo nalezo ezisalinde izimpendulo zoxhaso esikhwameni iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), zizovunyelwa ukubhalisa.”
Uthe kulezo zitshudeni ezixhaswe yiNSFAS kuzolandelwa imigomo nemibandela.
UHuma uthe labo abafuna ulwazi ngamafomu ezikweletu kumele baxhumane nenyuvesi.
Uveze nokuthi kunezinhlelo abazenzile ukusiza izitshudeni ezizothutheleka zizobhalisa.
“Inyuvesi ixhumana nezitshudeni eziqalayo ukufika kanjalo nalezo ebezifunda kule nyuvesi ngohlelo lokubhalisa. Zithunyelelwa imiqhafazo noma zifonelwe ukuze zibhalise ngokushesha. Sinxusa izitshudeni ukuthi zingaluzibi ucingo uma zifonelwa,” kusho uHuma.
Unxuse ukuthi ziphendule nemiqhafazo ezithunyelelwe yona wathi abanemibuzo bangaya [email protected], noma ku- [email protected] noma bashayele u-0800 00 1870.
Abanemibuzo ngemiphumela engaphumile bangaya [email protected].