UMNDENI kasomatekisi wesifazane odutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe oseMontclair eThekwini ngoMsombuluko ukholwa wukuthi ubulawelwe ukumela iqiniso nokuba nesibindi.
UNkk Zola Joyce Marwanqana (64) obenamatekisi kososeshini abehlukene KwaZulu-Natal kuthiwa udutshulwe wabulawa abantu abangaziwa.
Abazibonele kwehla isigameko bathe abahlaseli bebehamba ngeToyota emhlophe.
Kuthiwa umufi bamdubule esathi uyehla emotweni ekhokha ngebanga elihambile, ebimsusa kwaPick n Pay endaweni.
Ilungu lomndeni, elicele ukuthi igama lalo ligodlwe lichaza umufi, lithe ubewumuntu wesifazane onganqeni ukumela iqiniso futhi abuze imibuzo uma kukhona angakuqondi kahle.
“Ubewuhlobo lomuntu ongathuli uma kunento angayizwa kahle. Ethanda into eqondile. Elimela iqiniso lakhe ngisho emadodeni futhi ekhuluma izinto ezihlula amadoda,” kusho ilungu.
Uthe bayakholwa ukuthi njengoba ebulewe ubulawelwe kona ukumela iqiniso.
“Siyayazi ke imboni ukuthi injani, kuliwa ngesibhamu,” kusho ilungu.
Liveze ukuthi umufi ibhizinisi lamatekisi ubeseneminyaka eyevile ku-30 angena kulo ngokulithanda kanti ubenamatekisi asebenza kososeshini abehlukene.
Lithe isigameko sibalimazile bengumndeni futhi wathi bayazinxusela kwiSantaco ukuthi ilusukumele udaba lokubulawa kosomatekisi embonini.
Uthe kuzwela kakhulu njengoba umufi ebengumuntu wesifazane, othathwa ngokuthi ngokwemvelo akakwazi ukuzilwela.
“Uma kukhona lapho enyathele khona abathile amakhona, bekunani ukuthi bathumele abantu bazomsabisa kuphela. Mhlawumbe bamkhombe ngaso ke isibhamu, bamtshele ukuthi uma engayeki akwenzayo, bazombulala, bese beyahamba,” kusho ilungu.
Lithe bakuthola kunzima ukuthi umufi ubulawe sengathi yisigebengu phambi komuzi wakhe.
Lichaza ngesigameko lithe umndeni uzwe kukhala isibhamu, omakhelwane babona umufi edutshulwa ngaphambi kokuba abahlaseli babaleke.
Libuye laveza nokuthi umshayeli wemoto ehamba ngebanga elihambile usale ethuke ngendlela engachazeki.
“Asitshele kona nje ukuthi umufi ubesathi uyehla emotweni ngesikhathi bemdubula esifubeni. Uthe ebona ukuthi uyahlaselwa, umufi ubuyele ngaphakathi emotweni, kodwa baqhubeka bamdubula nasekhanda ngaphambi kokuba babaleke,” kusho ilungu.
Lithe abazange bamthinte umshayeli wemoto ekhokha ngebanga elihambile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMontclair aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane.
“Umufi ongusomatekisi ubethi uyehla emotweni ehamba ngebanga elihambile ngesikhathi edutshulwa abasolwa ababili. Ubuyele ngokushesha emotweni kodwa washonela endaweni yesigameko. Umshayeli wemoto abehamba ngayo akazange alinyazwe,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi imbangela yokubulala ibingakaziwa kodwa ngeke bakushiye ngaphandle ukuthi kungenzeka ukuthi kuhlobene nodlame lwamatekisi.
“Sekujutshwe ithimba eliphenya ngezigameko zezimpi zamatekisi iProvincial Taxi Violence Task Team ukuthi liphenye,” kusho uNetshiunda.
Uveze ukuthi abahlaseli abasafunwa amaphoyisa babaleke ngemoto iToyota Corolla Quest .