KWABA yiphunga elixaka ukwenza elaholela ekutheni umbheki webhilidi eliseGoli, iSelby, azithele phezu kwesidumbu soyedwa wabaqwayizi abayisithupha ababebulewe.
Lokhu kuhlaluke eNkantolo eNkulu yaseGoli ePalmridge izolo ngesikhathi ogada ibhilidi, uMnuz Michael Kingsley Damian ethula ubufakazi bakhe ecaleni elibhekene noMnuz Sfiso Mkhwanazi (22).
UMkhwanazi ubhekene namacala angu-22 okukhona kuwo awokubulala nawokudlwengula. Uvume ukuthi bayisithupha abaqwayizi ababulawa phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba 2022. Waboshwa ngawo u-Okthoba 2022, emva kokutholakala kwezidumbu kuleli bhilidi elaliqashwe uyise, kwenziwa ibhizinisi lokukhanda izimoto.
Echaza ngokwenzeka ngesikhathi ethola isidumbu uDamian, uthe kwaba ukubanda kwesimo sezulu okwaholela ekutheni anyuke aye phezulu esitezi eyokha amanzi afudumele ukuze awashe imoto yakhe.
Uveze ukuthi ukuwasha imoto yakhe kule ndawo yinto ayevame ukuyenza njalo ngamaSonto kanti ngosuku athola ngalo isidumbu wayehamba nendodana yakhe eneminyaka emine.
“Ngathi uma ngifika esitezi, ngashawa yiphunga elixakile. Ngakhetha ukubheka ukuthi ngabe liqhamukaphi,” kusho uDamian.
Uthe kwathi uma evula elinye lamahhovisi, elalimnyama lingenagesi, wazithela phezu kwaso isidumbu sowesifazane, asibona ngokuthi akhanyise ngeselula yakhe.
Udalule ukuthi wagijima wayobiza unogada ukuze azobheka ukuthi owesifazane ushonile yini.
Kuvela ukuthi uMkhwanazi, abesifazane abatholakala kuleli bhilidi beshonile, wayebathatha edolobheni eGoli phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba 2022.