ZANELE MSOMI
‘U THULI othulini, umhlabathi emhlabathini…”
Ajwayelekile la mazwi uma sekufike emaphethelweni enkonzo yomngcwabo.
Kwesinye isikhathi abanye basuke bengasenanhliziyo ngenxa yokudonsa komngcwabo, babodwa abasuke sebekhombisana amathuna ezihlobo, abanye bedla ingevu emabhasini.
Phela kuyenzeka umngcwabo uphele emva kokudonsa amahora ayisihlanu, abantu sebejahe emakhaya.
Abasuka kude badla bemile bephuthuma ukuthi kungaze kuhlwe besezintabeni.
Ngokujwayelekile inkonzo yomngcwabo iqala ekuseni ngezithuba zabo-9, kuya ngokuhluka kwezindawo.
Uhlelo luba nezikhulumi, umculo noMfundisi athathe isikhathi eshumayela, kwamanye amabandla kuze kubizwe ngisho abafuna ukuzinikela eNkosini.
Kuyedlulela uma kungcwatshwa umuntu omdala ngoba kunenkolelo yokuthi akumele aphume ukuya emathuneni engakashayi u-2 ntambama.
Muva nje amakhosi nabefundisi e-Eastern Cape bahlele imbizo yokudingida udaba lokudonsa kwezinkonzo zomngcwabo.
UBishop Makhosi Ngcoza weFlames of Fire Ministries obengomunye wabahleli, uthe akumele imingcwabo idonse ngaphezu kwamahora amabili.
“Ngeke ulindele ukuthi umuntu angahlala emngcwabeni kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-3 ntambama. Kumele lufingqwe uhlelo nezikhulumi. Indlela okwenzeka ngayo manje ngathi kuyajatshulwa,” kusho uNgcoza.
USihlalo wendlu yabaholi bendabuko, iNkosi Ngangomhlaba Matanzima, ithe kudala bekuba nezikhulumi ezintathu kuphela emngcwabeni, ochaza ngokufa, oduduza umndeni nobongayo.
UMatanzima ugxeke impucuko, imfundo nenkolo athi ifaka unyawo ohlelweni lomngcwabo.
Isolezwe lixoxe nabathize ukuthola ukuthi yini ebambezela umngcwabo nokuthi singancishiswa kanjani isikhathi.
UMnuz Madoda Zungu oyisazi sezamasiko uthi kusha lokhu okwenzeka emingcwabeni yamanje.
Uveza ukuthi emandulo umuntu ubengcwatshwa ntambama ngo-6 kwezinye izindawo kungcwatshwa entathakusa.
Uthi lokhu bekugwema nezindleko ngoba bekungaphekwa, umngcwabo ube mfishane.
Uthi okushintshe lolu hlelo yimpucuko nokuqhelelana ngokuhlala.
“Kubonakele ukuthi abantu sebenezihlobo nabangani abakude. Bekungeke kuzwakale kahle ukuthi izihlobo zifike emuva kwendaba sekungcwatshiwe,” echaza.
Ngokwesintu uthi izikhathi zisabalalulekile emngcwabeni futhi kuya ngezigaba zabantu.
UZungu uthi ngokwesintu umuntu ongaganile nongaganiwe usheshe angcwatshwe ngoba kuthathwa ngokuthi akunamidanti edingekayo.
Ulinganisa ngempohlo athi kumele ingcwatshwe ngo-11 emini njengengane.
Uthi ngumnumzane okungamele asheshe angcwatshwe njengoba ezindaweni eziningi kusalindwa ihora lesibili ntambama.
“Umnumzane ungcwatshwa sekubuye izinkomo ekhaya ngoba izimpande zakhe zigxilile. Yingakho ephelezelwa nayinkomo ehlatshwa entathakusa ngoba kwehlukile okwakhe,” kuchaza uZungu.
Uthi nomama womuzi ungcwatshwa emini kodwa hhayi ntambama kakhulu njengomnuzane.
Okwenza imingcwabo yamanje iphume esandleni uZungu uthi yisikhathi sokuqala.
Uthi amadoda ambayo afika ekuseni, aze aqede umngcwabo ungakapheli.
Ugxeka nabezenkolo athi bathola ithuba lokushelana ngokwezinhlelo zezinkonzo zabo.
“Ngokomthetho kumele kube nezikhulumi ezintathu zomndeni ngoba abanye basuke belitholile ithuba emlindelweni. Ezindaweni zamakhosi kunqunywa isikhathi ngoba amadoda endawo kusuke kumele aye nakwemiye imicimbi.”
Isolezwe lithole ukuthi kwezinye izindawo zamakhosi usaqinile umthetho wesikhathi somngcwabo.
Kubikwa ukuthi kwezinye izindawo uma inkonzo ithatha undendende amadoda ambayo ayaduba, basale bezigqibela abasele.
UMfu Zeblon Nxele we-Apostolic Church of Southern Africa uyavuma uthi kwesinye isikhathi amakholwa ayasidla isikhathi ngoba asuke ethole ithuba lokushumayeza abangayi emasontweni.
Nokho uthi ngumndeni owukhiye ngoba yiwo onquma isikhathi sohlelo futhi kuhlonishwa sona.
“Umndeni ubuye wandise uhlelo sekushuthekwa abanye abebengekho ohlelweni. Ngeke ungahlonishwa umndeni uma unqume isikhathi futhi kumele kube nokuxhumana nabambayo ukuze kungagcini abanye sebehluthuka,” kufingqa uNxele.