UMENGAMELI we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe akukho sezinhlelweni zakhe ukuxosha iPhini lakhe kwi-ANC nakuhulumeni, uMnuz Paul Mashatile.
Uthe nguyena oqoke uMashatile wathi nguyena futhi ongamxosha.
“Akukho sezinhlelweni zami zokuthi ngimkhiphe uMashatile kulesi sikhundla. Ngingabe ngiyagula ekhanda ukuthi ngingathi ngisanda kumqoka bese kuba yimina engifuna ukumsusa. Akukho sezinhlelweni zami ukumsusa. Angasuswa esikhundleni uma ngase kusho i-ANC,” kusho uRamaphosa ekhuluma nabezindaba izolo, eGauteng, njengoba bekuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano.
Ukusho lokhu emva kwemibiko yayizolo lapho kuvele khona ukuthi kukhona abafuna ukukhipha uMashatile esikhundleni.
Uthe ukhulumile naye uMashatile emva kokubona le mibiko embuza ukuthi kwenzakalani, wathi kodwa basazoqhubeka baxoxe ngalokhu.
URamaphosa uzwakalise ukukhathazeka ngokushiswa kwamaloli ayisithupha eVan Reenen's Pass, ku-N3 ngoMgqibelo ebusuku.
“Kuyacaca ukuthi kukhona abafuna ukucekela phansi umnotho wezwe. Ngisazothola umbiko ogcwele kwabezomthetho kodwa lokhu yinto esiyigxekayo nesingeke siyibekezelele ngoba kukhona abafuna ukucekela phansi umnotho.”
Uthe njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo badinga ukuthi bonke abaholi, nalabo ababehola le nhlangano, bakhankasele yona.
Uveze nokuthi bazokwakha umqulu omusha wezokhetho, abazokhankasa ngawo okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokungabikhona kozinzo kohulumeni bokubambisana.
“Amaqembu ahlukene abanga izikhundla, uzinzo alukho. Noma kwenzeka amaphutha, asifuni ukuthi kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.”
URamaphosa uthembise ukuthi bazobhekana ngqo nosomabhizinisi abaphazamisa ukwakhiwa kwezikole, amabhuloho nezindlu kuleli.
“Kunethimba elisemaphoyiseni elibhekene ngqo nale nkinga kubalwa neyoZama Zama, abamba igolide ngokungemthetho. Maduzane kuzobonakala umnyakazo ngoba sikhathazekile ngobugebengu obenzeka kuleli,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe indaba yokucishwa kukagesi, ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini nezinye izinto eziningi kubhungwe ngazo emhlanganweni wale nhlangano.
Uthe kudingeka kuqiniswe ukusebenza kwama-Community Policing Forums (CPF) emphakathini ehlukene ukulwa nobugebengu.
Mayelana nendaba yomhlangano wamazwe angaphansi kweBrics nengqungquthela ezobanjelwa kuleli yala mazwe, uthe uzokhuluma kabanzi ngayo maduzane ngoba ufuna ukuchazela umphakathi ngokubakuleka kwalo mhlangano.
Uthe le ngqungquthela izoqhubeka nakanjani, ngeke kusetshenziswe uhlelo lwezokuxhumana kuyona.
URamaphosa uveze nokuthi ngesikhathi eqoka uNgqongqoshe wezikaGesi, wazinqumela yena akazange akhulume namuntu.
“Sikhona isikhathi sokuthi uxhumane nabantu ngaphambi kokuthatha izinqumo njengomengameli, kokunye uzinqumela wena ungazange uxhumane nabo. Nami ilokho engikwenzayo.”