ULULELWE isikhathi umkhandlu wenyuvesi i-Unisa, ngokulethwa komlawuli ozokwengamela izinto kulesi sikhungo.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, wabhalela umkhandlu wale nyuvesi ewazisa ngezinhlelo zakhe zokujuba umlawuli ozimele emva kombiko womphenyi ozimele owathola ukuthi ziningi izinto ezingahambi kahle kulesi sikhungo.
UNzimande wayenike lo mkhandlu izinsuku eziyisikhombisa ukuthi uphendule ekuqaleni kwale nyanga.
Okhulumela umnyango uMnuz Ishmael Mnisi, uthe uNzimande nomkhandlu bavumelene ngokuthi kululwe isikhathi sokuletha lo mbono kuze kube yinyanga ezayo.
Uthe bavumelene ngokuthi umnqamulajuqu usuzoba ngoSepthemba 4.
“UNgqongqoshe uzolinda umbiko womkhandlu, bese maduzane akhiphe umhlahlandlela ngokuzokwenzeka. Uzimisele ngokulungisa zonke izingqinamba ezibhekene ne-Unisa njengoba kuyisikhungo esikhulu ngokwezibalo zezitshudeni futhi akafuni le nyuvesi iguqe ngamadolo,” kusho uMnisi.
NoShansela wale nyuvesi uMnuz Thabo Mbeki, wakhala ngokuthi akumele le nyuvesi iguqe ngamadolo njengoba ingesinye sezikhungo ezinomlando ojulile kuleli futhi iyona enkulu njengoba kufundwa ngeposi.
Umkhandlu wezitshudeni kule nyuvesi usanda kugxeka isinyathelo sikaNzimande sokuthi uzojuba umlawuli ozimele.
UNobhala weSRC uMnuz Inga Khethwa, ucashunwe ethi bashaqekile ngalesi sinqumo sikaNzimande.
Uthe izikhungo zabo zibhekene nenkinga, wathi uNzimande ujuba abalawuli.
“Lokhu kuzoba nomthelela ongemuhle egameni lesikhungo futhi kuhlasela igama labaholi besifazane. Zikhona ezinye izindlela zokuxazulula izinkinga. Asifuni kuphinde kususwe umphathi wesifazane njengoba kwenzekile enyuvesi yaseKapa,” kusho uKhethwa.
I-DA yasamukela isimemezelo sikaNzimande sezinhlelo zakhe zokufaka lesi sikhungo ngaphansi komlawuli.