WAQOKWA ngothisha esafunda ugrade 10 bamelusa njalo u-Olwethu Kuhlekonke Khumalo, obashaye emakhanda abafundi bakamatric KwaZulu-Natal. UKhumalo obefunda eMandla Mthethwa School of Excellence, eNdumo uklonyeliswe emcimbini obuse-ICC, eThekwini.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal, ubememezela imiphumela kamatric emuva kokuthi imenyezelwe kuzwelonke. Isifundazwe sithole u86.4% okusho ukwenyuka ngo-3.4% uma kuqhathaniswa nemiphumela edlule.
Ngaphandle kokuphasa kakhulu uKhumalo, ungumholi ngoba ubengumengameli wesikole futhi engumengameli wezikole zesifunda sakhe uMkhanyakude. Exoxa neSolezwe ngeMpelasonto, uthe ubona sengathi kwasiza ukuthi othisha bakhe basheshe bamhlonze bese bemelusa.
“Othisha banginaka ngifunda ugrade 10, bangitshela ukuthi kukhona okufufusayo kimi uma ngingaqinisa nje ngingagila izimanga. Ngakhuthala kakhulu ngoba bebengilandelela emuva kwalokho. Bengihlala ngaphakathi esikoleni nalokho kungisizile kakhulu,’’ kusho uKhumalo ngokukhulu ukuzethemba nokukhalipha.
UKhumalo uthe uzimisele ngokwedlulela eNyuvesi iCape Town (UCT) lapho ayokwenza izifundo ze-Acturial Science. Uhambe eyikazela yizipho uKhumalo ngoba ubelokhu ephindela amagemugemu.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, uthe isifundazwe sigile izimanga kungalindele muntu. Ubonge kakhulu othisha nabo bonke abasebenzi bomnyango.
“Phezu kwezingqinamba ebezikhona, iCovid 19, izikhukhula nokushoda kwemali kodwa abasebenzi abakaze badikibale. Sithandaza ndawonye nabasebenzi, sisebenze ndawonye bese siphumelela ndawonye,’’ kusho uNksz Frazer.
UMphathiswa uthe ebafundini abangu-167 247 abebebhala, kuphase abangu-136 366. Uthe isibalo sezikole ezithole u100% sinyukile sisuka kwezingu-214 safika ku-246. Ubalule nokuthi izikole ebezithola ngaphansi kuka40% zinciphile zisuka kwezingu-29 zafika kwezingu-18.
Isifunda uMkhanyakude sizishaye emakhanda ngo-90% kulandele Ugu ngo89.5%, kube Ilembe ngo88. 58%, lulandela iZululand ngo87.6%, kube yiHarry Gwala ngo87.05, kube Amajuba ngo87% kube uMzinyathi othole 86.6%, kube uMlaza othole 86.1, uMgungundlovu uthole 85.06%, kuvale iKing Cetshwayo ngo86.4%.