WAYENGAZIBONI ephila ngokupheka uNksz Nompumelelo “Mpruedie” Nkosi (30), oseyisilomo sokupheka ezinkundleni zokuxhumana.
UNksz Nkosi odume ngelika Mpruedie utshele Isolezwe ukuthi wafundiswa ngukhulu wakhe ukupheka ngoba wayetshelwa ukuthi intombazane kufanele ikwazi ukupheka.
“Ngikhule ugogo engifundisa ukupheka ngoba bekuyimina ngedwa intombazane. Ngangingazi ukuthi ngelinye ilanga ngizoziphilisa ngokupheka ngoba kwakungeyona into engangiyikhonzile. Ngangipheka ngoba ugogo wayethi kufanele abantu balale bedlile ngakho intombazane ayipheke.”
Uthe njengoba esephila ngokupheka, uyambonga ukhulu wakhe ngoba izinto amfundisa zona sezimngenisela imali.
Le ntokazi yakwa-E eMlaza, ithe yafunda e-Interfellowship Christian School, yabe isidlulela eMangosuthu University of Technology lapho yenza khona izifundo ze-Financial Accounting kodwa yazishiya phakathi ingasenayo imali yokuqhubeka, yabe isidlulela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal iyokwenza ezeCriminology kodwa nazo yazishiya phakathi emuva kokuphelelwa yimali.
Ibe isizama amatoho, yashaya umshini kwesinye isitolo esidayisa ukudla nezimpahla zokugqoka yadlulela nakuma-call centre ahlukene.
Ithe ibikuthanda ukuba sezinkundleni zokuxhumana yenze amahlaya kanti iqale izidlalela ukufaka izithombe zokudla.
“Ngiqale ngifaka amahlaya ezinkundleni zokuxhuma ngase ngishintsha ngifaka izithombe zokudla engikuphekayo ngoba ngiye ngasuka ekhaya ngaya eGoli, ngahlala nabangani. Kuthe ngo-Agasti wonyaka odlule ngafuna indawo yami nginethemba lokuthi uNkulunkulu uzongisiza ngala mavidiyo okupheka engiwafaka ezinkundleni zokuxhumana.”
Uthe uma esepheka uye achazele umuntu ukusuka nokuhlala kokudla akuphekayo, amkhombise eqoba, asho izithako azisebenzisayo, aze aveze noma ukudla sekuvuthiwe.
“Kubalulekile ukufaka amavidiyo njalo ezinkundleni zokuxhumana. Uma ungumuntu othanda ukupheka faka amavidiyo okupheka ukuze uhehe abantu ozosebenzisana nabo. Njengamanje sengisebenzisana nezinkampani zokudla ezihlukene ezabona umsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana. Okungisebenzelayo wukungayeki ukufaka amavidiyo. Ngisho ngigodukile ngiye ngifake okungenani amavidiyo amathathu ngesonto.”
Uthe njengamanje useyakwazi ukuziphilisa ngalokhu, uncome nokuchuma kwezinkundla zokuxhumana njengenye yezinto eyenze impilo yakhe yangcono.
Ukusebenzisana nezinkampani ezikhiqiza okuphathelene nokudla, ngenye yezinto emfakela imali. Kodwa uthi nazo zisebenzisana naye nje yingoba zazibona amavidiyo akhe nenqwaba yabalandeli asenabo.
UMpruedie uzobe eyingxenye yabapheki abazohambela umbukiso wosomabhizinisi obizwa ngeSouth Regional Durban Business Fair ozobe usenxanxatheleni yezitolo, KwaMnyandu, eMlaza.
Lo mbukiso uzoqala ngo-Okthoba 24 uphele ngo-Okthoba 27.
Kuzobe kunesithangami sokucobelelana ngolwazi esibizwa ngeCo-operative Development Indaba nezithangami zokupheka nokunye okuningi.
Ukubekisa isikhala kwiBusiness Indaba, ungathinta uNksz Thandekile Tembe [email protected] noma ushayele u-031 322 9686.