BAVUKWE umunyu enkantolo abesilisa bechaza ngesigameko sokubulawa komfowabo owadutshulwa ehostela laKwaMashu esolwa ngokuthi uyimpimpi yamaphoyisa.
OMnuz Mike Zungu noZibuse Zungu abangabafowabo bakamufi, uMnuz Sizwe Petros Zungu (40), bebekhuluma eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo.
La madoda achaze umfowabo njengemvu, eyayinothando lwabantu idabuka KwaMaphumulo kodwa behlala ehostela ukuze asondezele nomsebenzi wokuba unogada.
Basola ukuthi umfowabo wafela ukuthi washela owesifazane oyintombi kammangalelwa, uMnuz Sbongiseni Njabulo Khoza, abamchaze ngomgulukudu owayesatshwa ehostela.
UZungu (Mike) uthe nakuba umufi nalo wesifazane base benikezene nezinamba zocingo kodwa wayeka ukumeshela ngesikhathi ezwa ukuthi bahlobene naye ngezibongo.
“Kwaba ukuqala kwezinkinga zikamfowethu owangitshela ukuthi uzwa kuthiwa kukhona umuntu osefike izikhawu emfuna kodwa engachazi. Lo muntu wayengayazi indlu naye (umufi) wagcina esefona,” kuchaza uZungu.
Ulandise wathi ngosuku lwesigameko uNovemba 21, 2021, babehlezi emnyango ntambama ngabo-5 owesifazane ayemshela wafonela umufi embuza ukuthi ukuphi.
Kuthiwa yayingamphethe kahle umufi indaba yokufunwa umuntu angamazi wafuna ikhulunywe iphele le nto. Kuthiwa wabiza abafowabo ababili nowesilisa ongusibonda wendawo kwayiwa endaweni okukhandwa kuyona izimoto ukuze kuxoxwe.
Kuvela ukuthi uKhoza waqhamuka neviyo lamadoda behlome ngezibhamu waqonda kumufi wathi: “Ngayithola impimpi yamaphoyisa, asilali nje uwena?”
Kuthiwa kwathi uma elandula umufi, amthelekela ngesibhaxu amadoda, uZungu (Mike) waphelela endaweni.
Kuvela ukuthi amadoda aqhuba umufi noZungu (Zibuse) aya nabo kumama obolekisa ngemali ezalayo befuna abatsheleke uR10 000.
Kubikwa ukuthi kwathi uma ingaphumeleli imizamo yokuthola imali eyayifunwa amadoda, kwayiwa endaweni ewumhosha lapho afike wadutshulelwa khona washona umufi.
“Ngathi uma ngibona edonsa isibhamu emshaya, ngaphunyula kumfana owayengibambile ngabaleka ngazodlula kuyena lona owayephethe isibhamu ngabaleka ngashiya ophaqa nefoni yami khona lapho,” kusho uZungu (Zibuse).
Uthe wabalekela egengeni yangakubo emakhaya wayitshela ukuthi ayihlome ihlasele kodwa yamphendula ngokuthi ayizile yona ngezimpi kodwa izosebenza okuyinto eyamqeda amandla. Athutha ehostela la madoda emuva kwesigameko.
Bekulindeleke ukuthi kufakaze udokotela obizwe inkantolo acacise ukuthi wamelapha nini achaze nangokulimala kwakhe.
UKhoza ucele inkantolo ukuthi imnike isikhathi esingamasonto amabili ukuze intombi yakhe iye esibhedlela ilande ubufakazi bokuthi wayephukile yena ngesikhathi kwenzeka isigameko.
UKhoza uthe akukwazi ukuthi wayengahlohla isibhamu, adubule abulale umuntu ekubeni wayekade enokhonkolo engalweni.
Icala lihlehlele u-Agasti 14.