I-ANC isivikele owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ohleli nezithunywa engqungqutheleni yale nhlangano eqhubeka eNasrec eGoli, yathi uze njengelungu legatsha lakhe eNkandla.
Inhlangano ithe asikho isidingo sokuthi azohlala phambili nabanye abaholi ababengomengameli ngoba umele igatsha lakhe.
Phambilini esengumengameli uZuma wake wakuveza ukuthi kuzothi uma esephumile emandleni, athamele imihlangano njengelungu legatsha, afike aphakamise isandla abuze imibuzo.
UZuma wathi uzobabuka abaholi behleli phambili, yena ezihlalele nezithunywa.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe akukho okubi uZuma akwenzile ngokuhlala nezithunywa zaKwaZulu-Natal, ngoba uyilungu legatsha.
“Uyilungu legatsha lakhe. Uze lapha hhayi njengowayengumengameli kodwa ngokuba yilungu legatsha.”
Ngesikhathi uZuma efika engqungqutheleni ye-ANC ngoLwesihlanu, kume yonke into noRamaphosa wamisa inkulumo yakhe, kujatshulelwa ukufika kwakhe.
Amanye amalungu acule ingoma eseka uMsholozi, ebuza nokuthi wenzeni.
NoSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, uthe uZuma umele igatsha lakhe engqungqutheleni.
UDuma uthe uzolandela umyalelo wesifundazwe njengoba emele igatsha lakhe.
“Mayelana nokuphazamisa inkulumo kamengameli kumele sikugxeke okwenzekile kodwa abantu badiniwe, bakhathele yindaba yokungasebenzi nokucishwa kukagesi. Sibe nenkinga yokungabhaliswa kwamalungu aseKZN. Uhlelo lokubhalisa kaluhambanga kahle kulokhu.”
UDuma uthe ujabule ukuthi uZuma ubonakale exhawulana noRamaphosa ngemuva kwengqugquthela.UMabe uthe laba baholi abazona izitha njengoba bebexhawulana.
“Abazona izitha futhi awukho umoya omubi phakathi kwabo. Bonke abaholi benhlangano bafuna ubumbano nokuthi inhlangano ikhule,” kusho uMabe.
UMabe uthe ngeke babathathele izinyathelo labo abebecula ngesikhathi uRamaphosa ekhuluma.Uthe baze bacela abezindaba ukuthi amakhamera abo abheke kumengameli, wehla umsindo.
“Siyabonga nani bezindaba ukuthi nisilalelile najikisa amakhamera abheka kumengameli. Umsindo wehlile uma kuqhubeka inkulumo ngoba amakhamera abengasabhekile emalungwini,” kusho uMabe.
Uthe abafuni ukuthi ibhuntshe ingqungquthela ngoba ibhekwe ngabantu abaningi.
“Ngeke sivume ukuthi ibhuntshe le ngqungquthela. Komele sonke sizigxeke uma kwenzeka ibhuntsha.”
Uthe wonke umuntu kwi-ANC uvumelekile ukuthi aveze umbono wakhe.
“Siba nemihlangano nje ngoba sisuke singavumelani. Ngeke sibeke muntu icala ngokukhuluma ngendlela ayithandayo. Wonke umuntu uvumelekile ukuthi akhulume ngendlela ayithandayo,” kusho uMabe.