IBASHAYISA amakhala abeMK Party eyengozi yemoto evelele umholi wabo, uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi eseShowe ngoLwesine ebusuku.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uZuma ubephuma kwakhe eNkandla, eyokhankasela iMK eShowe.
Oyinhloko yokhetho kwiMK eKZN, uMnuz Musa Mkhize utshele abeSABC News ukuthi ibathusile lengozi ngoba kuke kwathiwa luyoshaya usuku lokhetho esesibhedlela.
Uthe kunesandla sesithathu kule ngozi yemoto, kunabathize abazama ukuqeda ngempilo kaZuma.
"Nanoma wubani owenza lokhu, bayazazi. Angizosho ukuthi ngobani kodwa bayazazi ngoba bakushilo emphakathini. Bakusho kwithelevishini, umphakathi uyazi ukuthi bangobani.
“Ngenxa yokuthi banamandla okwenza nanoma yini nokujuba okubeka impilo kaZuma engcupheni. Siyakholelwa ukuthi yini edale lokhu," kusho uMkhize.
Uqhubeke ngokuthi akukaze kwenzeke ingozi enjengalena kwabanye abantu asebeke baba ngomengameli bamazwe.
"Kungani lokhu kwenzeka kuMengameli uZuma. Nginalombuzo. Usengozini kulabo abamzondayo. Usengozini kubantu abafuna ukumbulala. Abakhumbule labo abamfuna efile ukuthi abahlaseli yena yedwa kodwa bahlasela lonke izwe.
“Bahlasela thina sonke ngoba okwenzeka kuye, kuyobe kwenzeke kithi sonke. Yingakho sizokwenza nanoma yini ukuvikela uMengameli," kugcizelela uKhabazela.
UMkhize uthe njengamanje uZuma usekubhaceni lapho ecashiswe khona ngokuba kusatshelwa ukuphepha kwakhe.
Unxuse ukuba kuthandazelwe ukuphepha kukaZuma ngoba impilo yakhe isengcupheni. Ebuzwa ukuthi sinjani isimo sikaZuma, uMkhize uvele wangena ezintangeni.
Ubuze ukuthi kungani imoto ivele yaqonda emotweni ebigibele uZuma. Uthe njengamanje icala selisemaphoyiseni ukuze kutholakale ukuthi ngubani obezama ukubulala uZuma ngengozi yemoto.
Unxuse ungqongqoshe wamaphoyisa ukuba enze konke okusemandleni ukuthi uZuma uyavikeleka, ngale kokubheka ukuthi uZuma weseka liphi iqembu okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29, kulo nyaka.
Kwenzeka lokhu nje, igama likaZuma lihoxisiwe ohlwini lwabaholi beMK abangase balibhekise ePhalamende.
UMkhize uthe njengamanje baxhumana nabameli babo ukuba balwe baze banqamuke izandla ngoba emuva kokhetho, akukho okuyovimba uZuma ekubeni yilungu lePhalamende nokuba wuMengameli wezwe.