I-ANC ithi ayikakayitholi namanje impendulo yencwadi eyayithumelela owayengumengameli wayo uJacob Zuma, imumisa imazisa nangohlu lwamacala. Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uveze lokhu exoxa eceleni neSolezwe ngesikhathi behlola inkundla iMoses Mabhida.
UZuma ngoDisemba umemezele ukuthi usehamba neqembu elisha uMkhonto weSizwe, azolikhankasela alivotele. UZuma wakubeka kwacaca ukuthi akasayingeni indaba ye-ANC ngoba akeneme ngendlela uKhongolose oqhuba ngayo.
NgoJanuwari i-ANC ibhalele uZuma imazisa ngokumiswa kwakhe yambhalela nohlu lwamacala ezimisele ngokumthwesa wona. UZuma wayenikwe amahora angu-48 ukuthi aphendule enze izethulo emacaleni athweswe wona. uNkk Motsiri uthe sebelinde baze bakhathala bengayitholi impendulo.
“Ayikho impendulo ebuyile usathule nje kodwa thina asithule njengaye ngoba siyaqhubeka. Khumbula phela ukuthi udaba lweMK silufake enkantolo nokukhomba ukuthi asithule thina,’’ kusho uNkk Motsiri.
Ngaphambi kwalokho bekukhulume uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ngodaba lweMK. Uthe beyi-ANC abanandaba neMK ngoba yona usuku nosuku ihlala yethula izethembiso kubantu.
“Bayazethula usuku nosuku bahlala bebonakala nje, uthuka ubona ngezimoto zabo zihlabe ujenge. Yinto nje esingayinakile indaba yeMK. Sasingazi nathi ngelinye ilanga siyobe sehla senyuka sikhuluma indaba kaZuma. Usesebenzisana nezitha zethu manje, akukhona ukulungisa umbutho lokhu akwenzayo,’’ kusho uMbalula.
UMbalula usole uZuma ngokuholela abantu ophathe ebatshela ukuthi uphume kwi-ANC ngoba engeneme ekubeni kukhona ezinye izizathu zakhe azifihlile. UMbalula uthe bazokhuluma ngodaba lukaZuma uma sekushaye isikhathi.
UZuma uke wakhuluma nge-ANC eseMlaza esho khona ukuthi ngeke ezwe ngayo futhi yena akesabi muntu uqhubeka nokukhankasela uMkhonto weSizwe.
Kwenzeka konke lokhu nje, uZuma usanda kuxoshwa yiSANCO esikhundleni sikasihlalo wayo KwaZulu- Natal imsola ngokulova. ISANCO ithi uZuma akaze athamele ngisho nomhlangano owodwa selokhu akhethwa.