UMENGAMELI woMkhonto weSizwe (MK), uMnuz Jacob Zuma owayengumengameli wezwe, uthi umbhedo icala elibekwe indodakazi yakhe, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
UZuma ubekade ekhuluma nabalandeli be-MK ngemuva kwecala lendodakazi yakhe.
UNkk Zuma-Sambudla usolwa wuMbuso ngokufuna ukuketula uMbuso nokuphehla udweshu ngesikhathi ngesikhathi sezibhelu zangoJuly 2021.
UNkk Zuma-Sambudla wayelokhu efaka ekhasini lakhe lika-X, izigameko ezazenzeka, zihambisana nombhalo othi "Siyanibona'' ebese egagula ngegama indawo ayekhuluma ngayo.
UMnuz Jean Le Roux wenhlangano i-Forensic Research Lab, ngenkathi kunesigcawu seKhomishini yamaLungelo Abantu, wathi imibhalo kaNkk Zuma-Sambudla yayikhombisa ukuthi ukushayela ihlombe okwakwenzeka ngesikhathi sezibhelu.
Kuzokhumbuleka ukuthi izibhelu zashiya umonakalo olinganiselwa ku-R50 billion emnothweni waseNingizimu Afrika, kwadlula emhlabeni nabantu abangu-345.
Enkantolo, uNkk Zuma-Sambudla udedelwe ngesexwayiso, icala lakhe lase lidluliselwa eNkantolo eNkulu ngoMashi 28.
"Namhlanje sihlangene lapha ngombhedo. Wake wakuzwaphi ukuthi kukhona umuntu ongasuka aboshelwe ukubhala ezinkundleni zokuxhumana,'' kusho uZuma obekuthi uma ekhuluma abalandeli be-MK bananele ngokuthi: "Yebo baba!''
Eqhuba, uthe ubevule izindlebe enkantolo efuna ukuzwa ukuthi indodakazi yakhe ibulale bani. "Bengizitshela ukuthi kuzothiwa kukhona umuntu embulele,'' esho.
Uthe indodakazi yakhe kwakumele vele icasuke ngokuboshwa kwakhe ngoba kwakuyinto eyenzeka ngendlela engafanele.
"Ngimdala ngimngaka angikhumbuli kuthiwa umuntu uyaboshwa engazange aye enkantolo. Lokhu kwakuqala ngami,'' usho kanjena.
Uthe eboshwa ngesikhathi sengcindezelo kwakungcono ngoba wayazi ukuthi uboshelwa ukulwela inkululeko, wathi kodwa kuhlukile okwenzeka ngo-2021, eboshwa engenacala. UZuma uthe namanje umntanakhe usenkantolo engenacala.
Abalandeli be-MK bamemeze igama likaMnuz Bheki Cele owabe engungqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika ngesikhathi kuboshwa uZuma.
Ubaphendulile uZuma ngamafuphi wathi: "Ningangikhumbuzi ngaleyo ndoda, kangifuni nokulizwa igama layo,'' usho kanjena maqede wabheka phansi enikina ikhanda.
Baphendula abalandeli be-MK bathi: "Kufanele baba.''
Uthe akabasoli abantu baseNingizimu Afrika abavuka umbhejazane ngalokhu ngoba babecikwa yinto ababeqala ngqa ukuthi bayibone yenzeka, wathi umnyombo wakho konke lokhu yingoba yena wenqaba ebizwa yiloyo owayeyinhloko yamajaji, iJaji uRaymond Zondo, esigcawini esasiphenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Ugcizelele ukuthi wayengeke yena avume ukuthi aye phambi komuntu ongumngani wakhe futhi oyisihlobo sakhe.
"Ngenqaba mina futhi angizisoli ngalokho. Phela mina ngingumfo kaGcinamazwi, uma ngithi into angeke ngize ngiyenze ngisuke ngiqonde lokho,'' usho kanjena.
Uthe kwathi uma emtshela uZondo ukuthi akasuke lapha kube omunye oqhuba umsebenzi, wathi ngeke akwenze lokho ngoba akamazi.
"Ngangiqala mina ukuphikwa wumuntu engangicabanga ukuthi ungumngani wami futhi uyisihlobo. Kwakhona ukuthi wayekulesiya sikhundla kwakungenxa yami kodwa wabe esengiphika,'' usho kanje kwanenela abalandeli bakhe bathi: "NoPilatu wamphika uJesu!''
Ugcizelele ukuthi namanje izinto zisemapeketwana nje bagqigqa izinkantoo kungenxa yezibazi nomonakalo oshiywe uZondo.
"Usazovelelwa uZondo ngoba ngisaphila futhi naye usaphila. Siyosabe sishilo nje ukuthi wenzani,'' kusho uZuma.
Uhlekise ngohulumeni ophethe ngemuva kokhetho i-GNU ebuza abalandeli be-MK ukuthi kambe leli gama limele ukuthini?
Baphendule ngokuthi limele ukuthi: “Gijima Nangu USathane.” Sebephundule kanjalo umane wahleka wase ebheka phansi, wathi uyabezwa ukuthi bathini.
Esephetha, uthe usazoxhumana nabantu abathile ngoba usafuna ke kube nombhikisho nje kukhonondwe ngoholumeni waseNingizimu Afrika.