OWAYENGUMENGAMELI wezwe ne-ANC uMnuz Jacob Zuma, uthe uMkhonto weSizwe (MK) ufuna ukuqeda ngabantu abasha abavilaphayo ukusebenza kepha bakhuthalele amankwebevu.
UZuma ubekhuluma enkundleni yezemidlalo, eMaqongqo, lapho abekhankasela khona uMkhonto weSizwe.
Umcimbi obekukhuluma kuwona uZuma ubuhambisana nokuhlonipha inkosi Mhlabunzima Maphumulo, eyakhothama neyayiyisishoshovu somzabalazo.
Elakuleli lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29, lapho kulindeleke ukuthi zidlane imilala. Amaqembu amaningi aphansi phezulu azicelela amavoti ebantwini.
UZuma uphumele obala ngoDisemba odlule wethula uMkhonto weSizwe wachayisa i-ANC wathi ngeke ayivotele kodwa usehamba neqembu elisha. Kulezi zinsuku uMsholozi unqamula izinkalo ekhankasela iMK ewundabamlonyeni kwabaningi.
UZuma uthe okuningi kuyoshintsha uma iMK ithatha amandla kuhulumeni emuva kokhetho oluzayo. Uthe iyinkinga indaba yentsha yabamnyama ezikholisa ngamambawu ekubeni ezinye izizwe zifunda zizithuthukisa.
“Abekho abafana abancane abazoba amavila bahlale otshwaleni, Cha! Uma beqhubeka bedakwa ezinye izizwe zifundisa izingane zazo, uzobona umhlola, siyomusa ngenkani esikoleni,’’ kusho uZuma.
UZuma uthe uma kufanele izinto zilunge kumele kungancengwa muntu kuqiniswe isandla. UZuma uthe kufanele izingane zonke zidlule ekuqeqeshweni kobusosha noma unyaka owodwa.
“ Asizukuncengana, asikwazi ukuthi sihleli singamadoda sibangaka, izingane ziyaphuza la ekuseni lize liyoshona, izwe liyafa. Ingane kufanele uma isifundile yaqeda u-matric bese ithatha unyaka iyofunda ubusosha, ifunde inhlonipho nokuvikela izwe layo. Sizoyiqeda le nto yokuthi kukhona omalala esikhotheni,’’ kusho uZuma enanelwa yinhlokomo.
UZuma uthe kufanele kube neqhinga lokufundisa intsha ngokuziphatha ingajahi ukuzalisana izingane isikhathi singakafiki.
Ukhale kakhulu nangendaba yabantu abayimilalandle asebebizwa ngamaphara wathi kufanele kubakhathaze abantu abamnyama lokho.
“ Yini thina kube khona laba bantu abalala emapayipini, kwezinye izizwe akukho lokho kodwa? Ubugebengu budalwa yindlala ngoba abantu abasebenzi, uma elambile umuntu uzothini, alambe aze afe? Ukuqeda ubugebengu wukuqeda ukuhlupheka,’’ kusho uZuma.
Khonamanjalo i-MK isaqhubeka nokutheza kwi-ANC njengoba ijoyinwe wuMnuz Mervyn Dirks obeyilungu lesiShayamthetho KwaZulu- Natal. Uke waba yilungu lePhalamende ngaphambi kokwehlela esifundazweni.