OWAYENGUMENGAMELI wezwe ne-ANC uMnuz Jacob Zuma, uthe bamatasa bavimba amankentshane azifaka ngenkani ezikhundleni zoMkhonto weSizwe aze asebenzise nemali.
UZuma usho lokhu ekhuluma ngaphandle kweNkantolo eNkulu eGoli emuva kokuhlehla kwecala lokushushisa uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuzimela. UZuma ukhale ngokusebenza komthetho wakuleli wathi unamehlo uyabona ukuthi yimuphi umuntu obhekene naye.
Ukhale ngokuthi uRamaphosa akaze avele enkantolo kodwa kube kunezinsolo abhekene nazo zokufihla imali endlini. UZuma uthe yena ngesikhathi eseCuba amajaji athi amfuna la aze akhipha incwadi yokuthi aboshwe ebe engakaze ebe ngisho inaliti.
Udaba abeze ngalo enkantolo lulalelwe kancane lwaguqela u-Agasti nonyaka.
Ekhuluma nabalandeli beMK ngaphandle kwenkantolo, uZuma uthe njengoba behosha abaholi ezikhundleni yingoba bayakhuculula balungisa isimo.
Uthe kukhona ngisho abasebenzisa imali abaphatha izibhamu ngoba bebuswa wogovane babo belobizela izikhundla. Uthe bonke labo bayaziwa bazokhishwa ngoba abafanelwe wukusebenzela umbutho.
“ Kuthiwa kukhona nabasebenzisa imali, bonke labo siyabazi baze baphathe izibhamu bayiziqhwaga. Kukhona nezicagogwana zezinhlaka manje. Yingakho sizolokhu simemezela kancane kancane ukuthi siyabakhipha abantu ngoba asidlali la,’’ kusho uZuma.
Uthe kukhona abazifake bona ohlwini lwabaya ePhalamende nabo bazokhishwa badalakacwe phandle.
“ Labo ababanga izikhundla siyabazi abafuneki lapha ngoba savumelana ngezinhlaka zesikhashana. Sathi ngeke siqale sibize ingqungquthela okwamanje ngoba kuzosibambezela ukubanga izikhundla.’’
UZuma ukhuluma kanjena nje iqembu lakhe lisanda kumemezela ukudilizwa kobehola intsha uBonginkosi Khanyile nabanye abaholi. Kusolwa ukuthi badilizelwe ukungaziphathi kahle.
UZuma uthe uma bebona ukuthi umuntu uhalela isikhundla ngeke afakwe nhlobo uyosizwa ngendaba ngoba bafuna abantu bazibonakalise ngemisebenzi.
Uthe uhlu lwabo lwasePhalamende lusabhekwa kabanzi lulungiswe kusefwe abanye ngoba bafuna ukufaka amakhosi nabanye bezinye izinhlaka ukuze zimeleleke.
UZuma ubenanelwa amakhwelo nemikikizo ekhuluma aze akhuze izaga zakhe zokubhinqa ahleke kancane.