UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ubona ukudideka kumholi we-MK Party, uJacob Zuma.
UMbalula uthe uZuma akazi nokuthi kufanele ezisebenzise kanjani izihlalo ezitholwe yiMK okhethweni lwangoMeyi.
Ukusho lokhu ngoMgqibelo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, lapho ebezophawula khona ngenkulumo yokuvula iPhalamende eyethulwe uMengameli uCyril Ramaphosa.
UMbalula uthe okukhombisa ukuthi uZuma udidekile ngempela ukuthi uvele waqoka owachithwa ekubeni yijaji, uDkt John Hlophe, ukuba ahole iMK ePhalamende.
“Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uZuma akabahloniphi abantu abavotayo. Kubo bonke abantu abengabaqoka uvele wakhetha uHlophe. Awucabange nje.”
UMbalula uthe uHlophe ugcwele intukuthelo.
“Ingakho nangesikhathi ethola ithuba lokukhuluma ePhalamende evele wangakhuluma ngenkulumo kaRamaphosa. Uvele wazikhulumela into ethandwa uyena.”
UZuma ubekhona ePhalamende ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi kuqhubeka inkulumo mpikiswano amalungu eMK abelokhu ekhalaza ngokuthi abebephethe umhlangano abafuni ukumemezela ukuthi uZuma ukhona ePhalamende.
UMbalula uthe nakho lokhu kuyizinkomba zokuthi nawo amalungu eMK azididekele.