UMREPHA waseThekwini obuye abe wumsakazi nomlingisi, uZuluboy, uthi uMkhonto weSizwe uwujoyiniswe wukuthi ufike wavusa ingomane yomlilo womzabalazo ngaphakathi kuyena. UZuluboy, ogama lakhe langempela kunguMxolisi Majozi, ungumholi woMkhonto weSizwe Creatives Council (MKCC).
Le nsizwa ike yaba wumsakazi woKhozi FM eyethula uhlelo lomculo. Uke walingisa emdlaweni iDurban Gen nakweminye. Phambilini uke waduma kwezomculo ewumrepha ogxile olimini lwesiZulu.
UMkhonto weSizwe yiqembu elisha elimenyezelwe owayengumengameli, uMnuz uJacob Zuma, ngoDisemba nyakenye. UZuma wamemezela ukuthi ngeke ayivotele i-ANC kodwa uzokhankasela aphinde avotele iMK. UZuma ukhala ngokuthi i-ANC yamanje akuseyona ayaziyo, sekungenye yingakho ethathe isinyathelo seMK.
Kumanje uZuma uphansi phezulu ukhankasela leli qembu ezindaweni ezehlukene. UZuluboy uxoxe neSolezwe echaza ngesinyathelo sakhe sokujoyina iMK.
“Mina vele kade ngaba yisosha loMkhonto weSizwe. Uma ukhumbula ingoma yami ethi Nomalanga, uzokhanyiseleka. Ubaba uMsholozi waphuma engaqedile ukusebenza, uthe uma eqhamuka noMkhonto ngakhumbula emuva,’’ kusho uZuluboy.
Uthe wayevele ezwa umlilo womzabalazo ngaphakathi kuyena kusukela kudala esemncane.
“Ngake ngatshela obhuti abadala ababuya ekudingisweni ukuthi ukube ngakhula nabo ngangiyobe ngizabalaza ngiye emazweni. Kudala eNanda ematendeni sasivika sihlaselwa amaBhunu, kwake kwahlaselwa ibhasi ngiphakathi ngibuya esikoleni,’’ kusho uZuluboy.
Uthe uhlaka lwamaciko aluholayo luzoba wumlomo nethemba labo bonke abakulo mkhakha. Uthe kusasa bazobe benesithangami namaciko kuxoxwa ngohlelo lokuphikisa umthethosivivinywa kahulumeni.
Uthe uhulumeni ufuna ukuphasisa ukuthi umsebenzi wamaciko usetshenziswe wuhulumeni noma kanjani wona angatholi lutho ngalokho. Ukhale ngokuthi ukuba yiciko kuleli kusathathwa njengento ewumdlalo.
Kulindeleke ukuthi isithangami samaciko sibe seNikkis’ Oasis eNewtown, eGauteng, kusasa ngo-12 emini. UZuluboy uthe bazobe benezingcithabuchopho ezehlukene ezizochushisa amaciko ngokulwela amalungelo azo.