UHLONISHWE yizizwe uZulu kugujwa iminyaka ewu-40 kwavuselelwa uMkhosi woMhlanga.
Izizwe, okukhona kuzo nezangaphandle kwaleli, aziwuvali umlomo ngobuhle ezibubone esigodlweni eNyokeni, ngempelasonto.
Umkhosi wakulo nyaka ubuhanjelwe abasebukhosini bezinye izizwe okubalwa kubo iNdlovukazi yamaPedi, uManyaku Thulare, iNgonyama yesizwe esise-Uganda, uPapa Sande, nabasebukhosini baseSwatini.
Okuqaphelekile emkhosini wangempelasonto ukubonakala kwesibalo esiphezulu soNdlunkulu namazinyane eSilo uGoodwill Zwelithini, esake sabonakala emikhosini yaseNdlunkulu kusukela kwaphatha iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Umkhosi ubuhanjelwe oNdlunkulu abane bakaMdlokombane, okuwuNdlunkulu waKwaKhethomthandayo, uSibongile Winnifred Dlamini Zulu, uNdlunkulu waKwaDlamahlahla obeqala ukubonakala emkhosini omkhulu okukhona kuwo Indlulamithi, uBuhle Mathe Zulu, uNdlunkulu waKwaLinduzulu, uThandekile Ndlovu, noNdlunkulu wasoNdini, uZola Mafu Zulu.
Izimbali zesizwe beziphume ngobuningi emkhosini wakulo nyaka, umkhosi ubuwubukhazikhazi njengoba izintombi bezihlobe ngemibala eyehlukene.
Lize lashona elangoMgqibelo izintombi zilokhu zihambisa umhlanga esigodlweni.
AbaNtwana uZelamile noNontethelelo kaMisuzulu bahole izintombi ebezihambisa umhlanga eSilweni.
Kushintshe izulu lana ngesikhathi iSilo siphuma esigodlweni siya enkundleni lapho ebesiyokhuluma khona nezinkulungwane zamatshitshi, kuphinde kwenzeka okufanayo ngesikhathi iMbube isithula inkulumo.
INdlovukazi uManyaku ithe uZulu uyisibonelo esihle kwezinye izizwe zase-Afrika.
“Ngiyajabula ukuba iSilo singimeme ukuba ngizobuka lobuhle obungaka bezintombi ezizigcinile. Sibukela kunina ukuthi izintombi ziziphatha kanjani, futhi sifunda lukhulu lapha.”
INdlovukazi ithe bafuna ukuvuselela ubuhlobo bukaZulu namaPedi obaqala kubusa iSilo uCetshwayo neNgonyama uSekhukhune.
“Uma nisibona lapha ningethuki, ubudlelwano bethu busuka kude kakhulu.”
INdlovukazi ithe bayaseseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
“Laba abathanda iSilo ngiyabathanda nami, labo abazonda iSilo ngiyabazonda nami.”
INgonyama uPapa Sande ithe usiko kuphela olukwazi ukuhlanganisa abantu ngale ndlela abebehlangene ngayo eNyokeni.
USande uhole amakhosi angaphansi kwenhlangano i-African Kingdom Diaspora Alliance adlulisele isitifiketi sokuqokwa kweNdlulamithi njengosihlalo ngokuhlonishwa wale nhlangano egqugquzela ubumbano nokuthula ezwenikazi i-Afrika.
Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, uthe ukuqokelwa KweNdlulamithi kulesi sikhundla kusho ukuthi ivunywa yizo zonke izizwe.
“Ngalesi sitifiketi bathi bayavuma ukuthi beseZimbabwe, beseMalawi, bese-Uganda, kodwa uma bengamaZulu bathi inkosi yabo iyodwa nina beSilo. Bathi inkosi yabo ile ephambi kwethu. Manje base bethi angeke kulunge ukuthi bakhulume ngomlomo kuphela, base beletha isitifiketi esishoyo ukuthi Ingonyama yethu yiyo yona lena, akekho omunye.
“Nathi siyavuma Ngonyama ukuthi ubani nje omunye ongathi uma ezokhuluma bese kuna imvula, athi uma eqeda ukukhuluma bese iyaphela? Ilona ophambi kwethu nina beSilo. Akekho omunye okungenzeka kuye lapha kwaZulu.”