EMUVA kokungabuyi kwemishini kagesi ebikhandwa e-Eskom, le nkampani imemezele ukuthi namhlanje ugesi uzonqamuka ngokwesigaba sesibili kusukela ngo-7 ekuseni kuze kube ntambama.
Kuzothi ngo-4 ntambama unqamuke ngokwesigaba sesithathu kuze kube wu-12 ebusuku.
UNkk Daphney Mokwena, okhulumela i-Eskom, uthe bazobuye bacacise ngokuhamba kosuku ukuthi isimo sabo simi kanjani.
Ngempelasonto uNgqongqoshe kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthe baphezu kwezinhlelo zokuqeda ukuhamba kukagesi njengoba ungasanqamuki njalo ekuseni uze unqamuke ngezikhathi zantambama.
Bakwazile ukwehlisa ugesi ongekho usuka ku-18 000MW uya ku-14 600MW.
Yize wayememezele ukuthi kuzoba wubusika obunzima lobu kodwa uthe isimo siya ngokuba ngcono ngoba isilungiswa ngokushesha imishini efile ukuze kwande ugesi okhona.
Kuleli sonto iNingizimu Afrika isayine isivumelwano sokusebenzisana nohulumeni waseGermany ukuze usize ngobuchwepheshe bawo bokuphehla ugesi ongayilimazi imvelo.