UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uhloniphe owayengungqongqoshe wokuqala wezeMfundo ngaphansi kwentando yabantu, uSolwazi Sibusiso Bengu, ngomngcwabo kahulumeni.
UBengu (90) uhlonishwe ngomngcwabo wesigaba sesibili.
Ushone ngoDisemba 30, kanti umngcwabo wakhe uzoba seNyuvesi yaseZululand, edume ngoNgoye ngoLwesihlanu.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe umengameli uhloniphe uBengu ngalo mngcwabo ngeqhaza lakhe kwezemfundo.
Uthe uBengu uke waba nayinxusa lakuleli eGermany kusuka ngo-1999 kuya ku-2003.
Ilokhu ingena ingenile imiyalezo yenduduzo emndenini kaBengu.