ABESEKA uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini bathi uzogcina ewunqobile umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu oqhubekayo.
Bakusho lokhu izolo, eThekwini, ngesikhathi bekhuluma nabezindaba ngamaphuzu abagabe ngawo ecaleni elithinta lo mbango elizongena eNkantolo eNkulu ePitoli, ngoMeyi.
Leli cala lihlukene kabili; kukhona nelifakwe wuMntwana uSimakade, elizolalelwa izinsuku ezintathu. Liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Omunye wabeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe bagabe ngamaphuzu aqinile enkantolo, wathi akakungabazi ukuthi bazolinqoba icala.Icala lingena nje, iSilo uMisuzulu sivele sesihlezi esihlalweni njengoba sanikezwa ngokusemthethweni isitifiketi sobukhosi nguRamaphosa.
Kepha uMntwana uThokozani uthe ukukhishwa kwesitifiketi sobukhosi akusho lutho kubona beyindlunkulu ngoba abahambisani nokuqokwa kweSilo.
“Sikuphonsela inselelo lokho kudluliselwa kwesitifiketi sobukhosi. Kufana nokuthi yinto engekho. Isitifiketi siyokuba nesisindo uma sibeka lokho okushiwo yindlunkulu, hhayi lokhu okushiwo ngosopolitiki abafuna ukuzicebisa ngomhlaba kaZulu.
“Udaba lwesihlalo alusiyo ingqayingqayi, umafika kuqala noma oyoficwa uyoncinzwa. Labo abebezenzela, bezenzela ipolitiki yabo, behlolisa ngendlunkulu esikhathini sosizi, bebona ukuthi bona kufanele bazizuzele amaphuzu ezepolitiki. Lokho okwabo noMdali wabo namadlozi abo. Bayoziphendulela ngelinye ilanga. Uzogcina udilikile umthangala!”
UMntwana uThokozani uthe abeseka uMntwana uSimakade bazokube bekhona enkantolo uma sekulalelwa icala. Emacaleni edlule athinta umbango wesendlunkulu ayequlwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, babengabonwa nangalukhalo. Ngaphakathi nangaphandle kwenkantolo kwakubonakala labo abeseka iSilo. UMntwana uSimakade wayengeyona ingxenye yamacala ayequlwa eMgungundlovu.
UMntwana uThokozani uthe basamile ekutheni akuzange kulandelwe imigudu ngesikhathi kuqokwa iSilo uMisuzulu, wathi umhlangano okwaqokwa kuwo iSilo uMisuzulu wawungekho emthethweni njengoba ethe wawungabiziwe yindlunkulu futhi kuwona kwakukhona nabantu abangesibona abasendlunkulu.
UMntwana uThokozani ukhale ngokuthi ikomiti elalijutshwe ukuba lixazulule umbango wesihlalo sobukhosi alizange libanikeze umbiko walo, wathi noRamaphosa uyenqaba ukubanikeza izizathu ezenza ukuthi avume ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.
Uphinde wenza izinsolo zokuthi iSilo esesakhothama, iNgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, sasocongelwa umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.