UZIZWA ebusisekile obedidiyela izinkumbi zezintombi eMkhosini woMhlanga ochazwe njengomkhulu ukunayo yonke esike yaba khona.
Induna yezintombi, uNksz Mningi Zuma (32), ithe ukuphumelela komkhosi kuyivusele umunyu, yakhumbula izikhathi ezinzima uZulu odlule kuzo kusukela kwakhothama iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UNksz Zuma uyena obehamba phambili nabantwana basendlunkulu ngesikhathi izintombi zihambisa umhlanga eSilweni uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UNksz Zuma, owaqala ukuhamba uMkhosi woMhlanga ngo-2011, uthe ubekuqala akubone emkhosini wakulo nyaka obusesigodlweni eNyokeni, ngempelasonto.
“Umkhosi wakulo nyaka mkhulu kakhulu kunayo yonke esesike sadlula kuyona. Kungenze ngathobeka ukubona umkhosi uba yimpumelelo, kungenze ngabona ukuthi omdala akenzanga iphutha ngesikhathi engiqoka ukuba ngibe induna yezintombi.”
UNksz Zuma waqokelwa kwesokudidiyela izintombi ngo-2022.
Uthe umsebenzi awenzayo awulula.
“Kuyaye kube nzima ngoba kufanele ngilungise izintombi ezisuke zisesigodlweni nezisuke zisezansi ematendeni. Okungisiza kakhulu ukuxhumana nomama abahlola izintombi, okuyibona abangilekelelayo ukuhlela izintombi. Lokhu kwenza ukuthi kube lula uma sesifika namazinyane eSilo, sifika izintombi sezihlelekile.”
UNksz Zuma uthe umsebenzi uqala ngoLwesithathu, lapho bephuma ebusuku nabantwana basendlunkulu, beyogawula umhlanga.
Uthe ziphuthelwe kakhulu izimbali zesizwe ebezingekho.
“Umkhosi ulethe ukuthula ezintombini. Laba abangaphumelelanga, ngiyabanxusa ukuthi benze isiqiniseko sokuthi bayeza ngonyaka ozayo. Sikhulu isibusiso esikhishwa iNgonyama, siyasidinga lesi sibusiso njengezintombi.”
UNksz Zuma unxuse labo abangasaphelele ukuba bajoyine uMkhosi weSivivane, ukuze nabo bezothola izibusiso.
“Wathi uMdlokombane awukho umgqomo wokulahla umuntu. Nabo kufanele bajoyine umkhosi womama ukuze bezothola isibusiso ngokwaleso sigaba abasuke bekuso.”
UNksz Zuma uthe labo abadlwengulwa akufanele bazenyeze, wathi abaqhubeke nokuhamba uMkhosi woMhlanga.
UNksz Zuma uqale ukuba phambili endlunkulu ngesikhathi kukhotheme uMdlokombane.
Waba nesibonakaliso sokuthi izintombi zikhanyise amakhandlela awu-100, bese ziyakhuleka ngaphambi kokuthi uMdlokombane ayotshalwa.
Wahlala esigodlweni izinsuku eziyisikhombisa ngesikhathi kukhotheme uMdlokombane, evunule, ehola izintombi ezazicula amahubo.
Wenza okufanayo nangesikhathi kukhotheme iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
UNks Zuma wahola umkhankaso wezintombi wokweseka Indlulamithi yamakhosi ngesikhathi kunomsindo wesihlalo sobukhosi.
UNksz Zuma nezintombi ezingaphezu kuka-100 babenomkhankaso owawubizwa ngokuthi #esethu iSilo.
Lezi zintombi zahlatshiswa inkomo esigodlweni, zathelwa ngenyongo.
UNksz Zuma ungowokuzalwa KwaNongoma, kwaDabhazi.
Uneziqu zeBsc in Biochemistry and Microbiology azithola oNgoye.
Njengamanje uwuthisha esikoleni iMpikanina High.
UNksz Zuma ungomunye wabaholi benhlangano Ubuhle Bezolo Lethu Youth Development Organisation, ekhulisa izintombi iphinde icije namabhungu asakhula.