UNESI, owathenga izinkabi ezabulala umyeni wakhe owunjiniyela, uvumbuke nesicelo sentethelelo ekugcineni lapho sekubhekwe ukuthi kukhishwe isinqumo secala.
UNompumelelo Goncalves (31), obheke necala lokuhlela nokubulala umyeni wakhe, uxolisile emndenini kamufi, wathi wayengaqondile ukumbulala.
Ummangalelwa ukusho lokhu encwadini efundwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ngummeli wakhe, u-Advocate Mandla Luthuli.
NgoLwesibili UNksz Goncalves nomfowabo uNkosinathi Zungu (40) bagwetshwe iminyaka engu-10 ngecala lokuthumba, engu-20 ngecala lokuphanga kusetshenziswa udlame nodilikajele ngokubulala okuhleliwe.
Lo wesifazane ubhanselwe ngeminyaka eyisishiyagalombii ngamacala amabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Wabika amacala angekho emaphoyiseni okungelokuduka komuntu nelokwebiwa kweveni kamufi uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengunjiniyela kwaTransnet.
Encwadini yakhe uveze ukuthi wayehlukunyezwa wumufi, uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengumyeni wakhe. Uthi wayephela yisibhaxu.
ULuthuli ubekade emcelela eJajini, uSolwazi Bonke Dumisa, ukuthi limthambisele isigwebo.
“Ngiyacela ukuthi ungixolisele emndenini wakwaLanga. Ungitshelele bona ukuthi ngiyaxolisa kakhulu ukuthi balahlekelwa ubhuti wabo. Kwakungeyona inhloso yami ukuthi kube khona umuntu obulawayo. Ngiyavuma engakwenza kwaba kubi futhi kwakungekho emthethweni,” kusho uLuthuli efunda incwadi uGoncalves abezicelela ngayo intethelelo.
Lo mmeli uthe uGoncalves uhlalile ejele wadlinza, ezisesha emhlanganweni ayewubambe yedwa, nokuyilapho ebone khona ukuthi akwenza kwaba yiphutha, kwakungamele akwenze.
Kuvele ukuthi uGoncalves akagcini ngokuba umhlengikazi, uphinde abe nesikole esiqeqesha abahlengikazi eMgungundlovu.
Ungumaqhuzu ngeziqu ze-honours zobuhlengikazi, uyinsika yekhaya futhi unengane eneminyaka eyisishiyagalombili ehlala nogogo wayo eMtubatuba.
Uzincengelile kuDumisa wathi uyacela ukuthi achezuke esigwebeni sikadilikajele esibekelwe icala lokubulala okuhleliwe, okungenani amnikeze iminyaka engu-18 ejele.
Umcele nokuthi amgwebe iminyaka eyishumi ngecala lokuphanga kusetshenziswa udlame, eyisishiyagalombili ngokuthumba nemihlanu icala ngalinye kwamabili ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UGoncalves waboshwa nomfowabo, uNkosinathi Zungu (40), ayekade emqashile ukuba kusocongwe umyeni wakhe.
Ummeli kaZungu, uMnuz Jabulile Malinga, uthe ummangalelwa unabantwana abathathu futhi usetoke iminyaka emithathu. Umcelele ukuba athanjiselwe isigwebo ngoba wavuma ukuthi kukhona lapho abamba khona iqhaza kuthunjwa nangesikhathi kuphangwa umufi.
Ukuhlabe wakuhlikiza konke lokhu umshushisi, u-Advocate Krishen Shah, wathi bayazenzisa abamangalelwa ngoba inhlanzi isishelwe amanzi.
UShah uthe uxolo balufuna ngoba sebelahlwe ngamacala, sebefuna ukuthanjiselwa izigwebo nokudatshukelwa.
“Ungqondongqondo ongummangalelwa wesibili (uGoncalves) wayengakumisa konke okwenzeka ukube wayenonembeza kodwa waba mdibi munye. Wamosha ikusasa likamfowabo nelikaMthimkhulu (ayebaqashile ukubulala uLanga). Kwakumele ngesikhathi ethula ubufakazi atshele inkantolo iqiniso lonke neqhaza alibamba futhi axolise ngomlomo wakhe kubantu bakwaLanga enkantolo,” kusho uShah.
Inkabi, uJames Mashudu Mthimkhulu, yalivuma icala yathi yiyona noZungu ababulala umufi, yagwetshwa iminyaka engu-20..