OWESILISA waseGqeberha, e-Eastern Cape,obedle amanzi amponjwana uzifake obishini sekufanele achazele uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele ukuthi kungani eshayela ephuzile.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi emiswa ngamaphoyisa abephelezelwa nguCele kwisivimbamgwaqo ebesikuM17 ngempelasonto.
Owesilisa kuthiwa uvinjwe ngamaphoyisa kade ebuya emcimbini womuntu obegubha iminyaka engu-60 azalwa.
Ngokusho kokhulumela uCele, uNksz Lirandzu Temba, umshayeli nomunye abehamba naye bese begoduka ngesikhathi bemiswa kwisivimbamgwaqo.
Uthe owesilisa utshele amaphoyisa ukuthi kade ephuza umuthi.Kwi-video yesigameko, uCele uyabonakala esondela kowesilisa.
Emva kwalokho uyabonakala embuza ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ashayele ephuzile.
Kubuye kuzwakale iphoyisa litshela uCele ukuthi lo mshayeli akaziphethe izincwadi zokushayela, ukhombise amaphoyisa umfanekiso wazo awugcine kwiselula.
UCele noMkhuzi wamaPhoyisa e-Eastern Cape uMajor General Nomthetheleli Lillian Mene bebeyingxenye yomkhankaso wokulwa nobugebengu obuhlelwe ngamaphoyisa ophiko lweTRT neK9.
Lo mkhankaso ubunkanise ezindaweni ezihlushwa wubugebengu eGqeberha.UCele uthe abaphethe amaphoyisa ezifundazweni ezehlukene kufanele bahlale bekhumbula ukuthi ubugebengu bunyuka kakhulu uma kuyimpelasonto.
“Izibalo zobugebengu zikhombisa ukuthi obunye ubugebengu buyagwemeka uma amaphoyisa ezobonakala ezindaweni ezahlukene. Ngakho-ke lokho kusho ukuthi sesiphelile isikhathi sokuthi amaphoyisa ahlale emahhovisi apheshethwe wumoya obandayo. Abaphathi bamaphoyisa kufanele nabo babe yingxenye yamathimba amaphoyisa aya emphakathi ukuyolwa nobugebengu ukuze kucace ukuthi basekhaleni lokulwa nobugebengu, ngesikhathi beqinisa ukusebenzisana phakathi kwamaphoyisa nemiphakathi,” kusho uCele
.Imibhidlango yamaphoyisa okukhona kuyo ukubonakala kwamphoyisa emphakathini eqaphe ubugebengu, izivimbamgwaqo lapho kuseshwa khona abantu, uthe sekuzoba yinto amaphoyisa okufanele ayenze isonto nesonto ukunqanda ubugebengu kuzo zonke izifundazwe.