UPHIKE walala ngomhlane umsolwa wesine ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane ukuthi isamba semali esangena ebhange lakhe sasiyinkokhelo yokusoconga abafi.
U-AKA noTibz badutshulwa bafa ngaphandle kwendawo yokudlela ekuFlorida, iWish ngoFebhuwari 10 nyakenye.
U-Advocate Joe Wolmarans omele umsolwa wesine uMnuz Mziwethemba Harvey Gwabini (36), izolo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi efuna isitatimende sikamsolwa sokucela ibheyili, uthe njengoba umbuso ubambelele kulesi samba sikaR800 000, ukhuluma ngento eyamane yaziqondanela nje. .
“UR803 000 ngawukhokhelwa yinkampani ethembekile engangenze ibhizinisi nayo. Empeleni ubudlelwano bami nayo busuka eminyakeni emithathu eyedlule,” kusho isitatimende sikaGwabini.
Uqhube wathi uma sekuqhubeka uphenyo kuzofanele kuvele ukuthi kwakungesikhona okokuqala ukuthi lenkampani imfakele isamba semali.
Ugcizelele ukuthi ukungena kwalesi samba ngosuku okwabulawa ngalo abafi nokukhokhela kwakhe umsolwa wesihlanu uMnuz Lindokuhle Ndimande isamba esingu-R133 000 nakho kwaziqondanela nje.
Uqhube wathi kuleyo mali, wayeyifake yathi xaxa njengesipho njengoba uNdimande wayezoshada.
Uphinde waphika neyokuthi wake wahamba ngeBMW egrey okuthiwa yiyo eyayilokhu imlandele njalo u-AKA esuka esikhumulweni sezindiza eya ehhotela kwaze kwaba uya endaweni yokudlela kuFlorida.
“Isikhathi esiningi le moto ibisetshenziswa izisebenzi zami uma zenza imisebenzi eyahlukene, okufaka phakathi nokuhambisa izingane zami esikoleni. Angizikhumbuli ngiyishayela ngosuku lwesigameko,” kusho isitatimende sikaGwabini.
Okubuye kwahlaluka esitatimendeni sakhe ukuthi ungusomabhizinisi ongumacaphuna kusale.
Kuvele ukuthi uhlala emzini kaR1.4 million nenkosikazi yakhe yokuqala ePinetown, unenkampani yemayini iGwabs Trading (Pty) Ltd, eyokwakha neyonogada athe ayibhalisiwe ngokusemthethweni.
Isitatimende sithe wenza imali ephakathi kukaR2 million kuya kuR3 million ngonyaka ngenkampani yemayini, kuthi kweyokwakha, enze imali ephakathi kukaR300 000 kuya kuR400 000 ngenyanga.
Uthe unezisebenzi ezingu-64 e-Ermelo eMpumalanga, bese eba nezingu-12 ezisebenza kweyonogada, kubona kukhona nalaba asolwa nabo ecaleni lokubulala u-AKA noTibz.
Unamakhosikazi amabili, eyokuqala eneminyaka engu-34 ayishada ngo-2015 ingudokotela esibhedlela esisePinetown.
Inkosikazi yesibili eneminyaka engu-26 ayishada ngo-2021, yenza iziqu zobumeli e-UKZN. Zinhlanu izingane anazo kula makhosikazi, zineminyaka ephakathi kowodwa nengu-16.
UGwabini uneziqu ze-Information Technology (IT) azithola eDurban University of Technology (DUT).
Uthe emacaleni abekwa wona umbuso, uyawaphika wonke ngoba icala abekwe lona lintekenteke.
Ngaphambi kokufundwa kwesitatimende sikaGwabini, kufundwe esikamsolwa wesihlanu uMnuz Lindokuhle Ndimande, esifundwe ngummeli wakhe u-Advocate Simphiwe Mlotshwa.
Kuhlaluke kuso ukuthi uyazisebenza njengoba enepulazi lezinkukhu abambisene kulo nabanye ababili. Kule lobhizinisi, ungenelwa imali engu-R70 000 ngenyanga.
Uveze ukuthi ubuye angenelwe uR20 000 ngenyanga ngetekisi yakhe eyodwa esebenza ngaphansi kukasoseshini waseMalukazi.
Uveze ukuthi unomndeni wakhe, okukhona kuwo namakhosikazi amathathu kayise.
Unobudlelwano obuqondile nowesifazane abesezinhlelweni zokuyomlobola ngo-R25 000 ngePhasika.
Uthi unezingane ezimbili, enye ihlala nonina (umawakhe uLindokuhle), enye ihlala nonina wayo, bonke bondliwa nguye.
IMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo ulihlehlisele uMashi 27 icala ukuze umbuso uphendule izitatimende zonhlanu, abasolwa abacele ngazo ibheyili.
Khona manjalo, uNgqongqoshe wezoBulungiswa uMnuz Ronald Lamola ukuqinisekisile ukuthi sebewahambisile amaphepha eSwatini, okucela ukuthi kubuyiswe abasolwa ababili abakule liyazwe.