UBHODLA umlilo uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ngemva kokushiswa kwehholo nokusatshiswa kwabasebenzi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu.
UNzimande ufuna babhadle ejele abacekele phansi ihholo okubhalelwa kulona izivivinyongemva kwesehlakalo esenzeke ngoMsombuluko ebusuku.
UNzimande uthe benze ubugebengu abashise ihholo iWilliam O’Brien.
“Ngiyajabula ukuthi kukhona icala eliphenywayo lokucekela phansi impahla nelodlame kanti inyuvesi isebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuthola abenzi bobubi. Isehlakalo sobugebengu lesi. Labo ababandakanyekayo kumele bahlonzwe, badalulwe bese beyaboshwa noma kungathiwa bangobani,” kubhoka uNzimande.
Unxuse umkhandlu omele izitshudeni ukuthi ugxeke lesi sehlakalo futhi usebenzisane nabaphathi benyuvesi, nabezomthetho, ukuhlonza izigilamkhuba.
“Lesi sehlakalo siphazamisa ukufunda kwezitshudeni. Uma izitshudeni zithinteka esehlakalweni kumele zithathelwe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe. Ukushisa nocekela phansi impahla kuphambene nomzabalazo wezikhalazo,” kubeka ungqongqoshe.
Uqhube wathi umnyango wakhe utshale ngaphezu kukaR8.6 billion kulo nyaka wezimali, emanyuvesi angu-26 kuleli ukuphucula ingqalasizinda.
‘Yingakho singeke sibabekezelele abacekela phansi ingqalasizinda, basibuyisele emuva. Abenza lokhu bavimba nesizukulwane esizayo ukuthi sithole imfundo endaweni enengqalasizinda esezingeni,“ kusho uNzimande.
Okhulumela inyuvesi uNksz Normah Zondo, uthengeke bababekezelele labo okuyotholakala ukuthi bayathinteka esehlakalweni sokushiswa kwehholo.
Wathi bakholwa wukuthi izikhalazo zithinta isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa mayelana nokuthi bakhona yini asebeboshiwe ngalesi sehlakalo ayiphumelelanga.
Izitshudeni ezikhungweni eziningi ezixhaswe yisikhwama zikhala ngohlelo olusha lokukhokhelwa ngqo, kwemihlomulo kuma-akhawunti azo kusetshenziswa izinkampani ezine, eziqokwe yilesi sikhwama.
Okunye okukhalisa izitshudeni wukuphucwa koxhaso lokufunda nemihlomulo kulabo abasolwa ngokukokotela imininingwane yabo ngesikhathi befaka izicelo zokuthola uxhaso.
AbeNSFAS bakuvezile ukuthi zikhona izitshudeni ezevile ku-30 000 eziphucwe uxhaso ngemva kokuthola ukuthi zanikwa uxhaso kungafanele.
Badalule nokuthi labo abakholelwa ekutheni baphucwe uxhaso kungafanele, bangeza bazomangala ukuze kubhekwe ukuthi kumele yini baluthole futhi uxhaso noma baqhubeke nokuphucwa lona.