UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, useyalelwe yinhlangano yakhe ukuthi axolise kumalungu enyunyana i-National Education, Health and Allied Workers Union ngenkulumo yakhe elumelayo ayeyibhekise kuwo ngesikhathi ekhuluma namakhulu abantu emcimbini owawuseKokstad ngoJulayi nonyaka.
Kulo mcimbi, uMtolo wakhwela wadilika kumalungu alenyunyana angabasebenzi bakahulumeni, ewasola ngokuthi yiwona awumthelela wokuthi kungasetshenzwa ngendlela ezikhungweni zikahulumeni. Kwenzeka lokhu nje, kube khona kuwona aphumele obala agxeka uhulumeni wobumbano obunjwe.
Emva komhlangano phakathi kukaNobhala-Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula nobuholi be-Nehawu neCosatu izolo, uthe kuyalelwe uMtolo ukuthi ahoxise akusho aphinde axolise ngokungenambandela kulawa malungu.
“Umhlangano uthole ukuthi inkulumo kaMtolo yayingafanele, kanjalo nendawo eyathulwa kuyo yaqinisa uqhekeko kunoma yakhe ubumbano phakathi kwamadleladawonye. Kunqunywe ukuthi uMtolo akhiphe isitatimende axolise ngokungenambandela, kanjalo neNehawu ihoxise amacala okwehliswa kwesithunzi asenkantolo,” kusho uMbalula.
UMtolo uyalelwe ukuthi isitatimende asikhiphe kusuka izolo noma namhlanje, ngaleyo ndlela i-Nehawu ihoxise icala elisenkantolo. Le nyunyana beyifuna uMtolo ne-ANC bakhokhe inhlawulo ka-R2 million ngenkulumo yakhe njengoba beyifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
UMengameli we-Nehawu, uMnuz Mike Shingange, ukuqinisekisile ukuthi bazolihoxisa icala abalifake enkantolo emva kokuthi uMtolo exolisile.
“Emva kwenkulumo yakhe elumelayo, sazama ukuveza ilaka lethu kodwa ngokubona ukuthi ayikho into eyenzekayo, sabona kungcono siye enkantolo. Kodwa emva kokuthi esexolisile, sizolihoxisa icala,” usho kanje.
Yize kunjalo, uShingange uthe usamile enkulumeni yakhe yokuthi njengamadlelandawonye e-ANC kwakumele nabo bevunyelwe babe nombono ekubunjweni kwalo hulumeni.
Phambilini, uNobhala-Jikelele we-SACP, uMnuz Solly Mapaila, usole i-ANC ngokwakha uhulumeni wobumbano ne-DA. UMbalula uthe akukho zinyathelo abazozithathela lo mholi njengoba abekusho kuwumbono wahe, wathi kodwa akulungile ukukhuluma ngento ethinta amadlelandawoye ungayivezi ngaphakathi enhlanganweni.