UZONGENA eNkantolo yaMacala aDlulisiwe, umbango wobuholi beNFP, owaqubuka emva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi benhlangano eyayingo-2019.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu, inikeze ubuholi beNFP obahlakazwa igunya lokudlulisela phambili isinqumo sale nkantolo, esibuhlakazayo.
Ngeledlule iJaji Sidwell Bongani Mngadi, linikeze ubuholi beNFP obakhethwa engqungqutheleni yasoLundi, igunya lokudlulisela phambili isinqumo esabuhlakaza.
“Ngemva kokulalela izethulo zabameli, nokufunda amaphepha, ngiyaninika igunya lokudlulisela phambili icala,” kusho isinqumo sikaMngadi esibhalwe phansi.
Ingqungquthela eyayisoLundi, yahlala kunombango lapho olunye uhlangothi lweNFP, lwaluhlela ukuhlalisa enye ingqungquthela eyayizokuba esifundazweni, iFree State.
Engqungqutheleni yasoLundi, umholi weNFP ongasekho, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, wanikezwa ihlandla lesibili lokuhola inhlangano.
Emva kwengqungquthela abaholi ababenganelisekile, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, Nksz Silungile Dumisa noMnuz Shaik Emam, banikela enkantolo befuna kuchithwe imiphumela yengqungquthela.
Ngo-2021 iNkantolo eNkulu eMgungundlovu, yanquma ukuthi yayingekho emthethweni ingqungquthela yango-2019, nokwashiya iqembu lingenabo ubuholi.
Owakhethwa njengonobhala jikelele engqungqutheleni yango-2019, uMnuz Canaan Mdlesthe, uthe isinqumo sikaMngadi sisho ukuthi ubuholi obakhethwa oLundi, buzoqhubeka nokuhola inhlangano.
UMdletshe uthe bazobeka phambili ukudala ubumbano enhlanganweni njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo.
“NgoMsombuluko sibe nomhlangano wesigungu esiphezulu lapho sinqume ukuthi kufanele siphume umbhidlango wokuheha amalungu amasha eqenjenie, siphinde sidale ubumbano. Silula isandla kuwo wonke amalungu eNFP ukuba abumbane. Isikhathi sokuklwebhana siphelile.
“Sifuna ukubuyisa wonke amalungu aseyishiyile inhlangano. Sizoxoxa nalabo abanemibono ehlukile. Sifuna ukuthi iNFP yenze kahle okhethweni lwangonyaka ozayo. Ukhetho lwangonyaka ozayo lunikeza amaqembu amancane njengathi, ithuba lokuthi abe ababeki beNkosi kuhulumeni wokubambisana.”
Njengamanje iNFP ibhekene nezinkinga eziningi okubalwa kuzo ukucwila ezikweletini.
UMdletshe uthe sebenqume ukusungula ithimba elizoxoxa nezinkampani ezikweletwa yile nhlangano. Wengeze ngokuthi basebenza kanzima ukuxazulula izinkinga eziphakathi kweNFP, nenhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
Njengamanje iNFP ayikwazi ukungenela uma kunokhetho lokuchibiyela ngenxa yombango wobuholi.
Muva nje i-IEC ihoxise uxhaso lwezimali ngenxa yokuthi iNFP yehluleka ukuletha amabhuku ezimali, acwaningwe ngongoti kwezezimali.
UMdletshe uthe banethemba lokuthi bazokwazi ukuxazulula lezinkinga maduze khona bezokwazi ukungenela ukhetho oluzayo.