IWUSONGE kabi unyaka ka-2023 iNingizimu Afrika, ngesikhathi kushona umbhali wemidlalo yeshashalazi, uMbongeni Ngema. Kwathi kusakukhuzwa umhlola yavula u-2024 ngesililo ngemva kokushona koqweqwe lomthwebuli wezithombe zomzabalazo wakuleli, uPeter Magubane.
Le ngqalabutho yomthwebuli edabuka eVrededorp, eGoli, idlule emhlabeni ngoMsombuluko seyineminyaka ewu-91.
UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe iNingizimu Afrika, igqemeke udume lwengozi ngokuhamba emhlabeni kwalo mthwebuli ngesikhathi sokuqala konyaka okugujwa ngawo ukuphela kweminyaka ewu-30, kwatholakala inkululeko kuleli.
"Njengoba sibheka uhambo lwenkululeko nenqubekela phambili kwezombuso wentando yeningi kuleli, izithombe zikaPeter Magubane ziyohlale zisemqoka ekuvezeni ukuthi siphuma kuphi.
"Egameni likahulumeni nesizwe, ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMagubane, kubangani benkakha yethu nakozakwabo abagcwele umhlaba wonke jikelele. Impilo yakhe eningi uPeter Magubane ubeqongelela izithombe ngomlando womzabalazo wethu nangempilo yezwe lethu."
Uthe uMagubane usebenzise ikhono lakhe lokushutha ngokuthi axoxe ngeminyaka yokuqala yokubusa kukaDkt Nelson Mandela.
Ukhale esifanayo uNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo eGoli, uMorakane Mosupyoe, waduduza abomndeni ngemva kokuwa komuthi omkhulu.
UMagubane wahlukunyezwa kakhulu ngamaphoyisa obandlululo, waboshwa, wavalelwa kwakhe ukuba anganyakazi ngenxa yezithombe ayezithwebula. Seyikhululiwe iNingizimu Afrika ngo-1994, uMagubane waqashwa njengomthwebuli osemthethweni kaMandela. Ushicilele incwadi ekuthatha ikubeke ngezithombe zezibhelu zaseSoweto, esihloko sithi June 16.
UNkomose, okuyisithakazelo sakhe, uwole inqwaba yemiklomelo ngalo msebenzi wakhe. Kuyona kubalwa iLifetime Achievement Award kwiNational Press Photographers' Association (NPPA) kuma-United States International Awards.
Ubuye wahlonishwa ngendondo yethusi ye-Order of Ikhamanga kwathi uNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo uMnuz Zizi Kodwa, wambungaza ngomklomelo weVan Topeka Af Living Legends Recognition Series (VTALLRS) nyakenye.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi ingqalabutho kwezobuntatheli izofihlwa kuphi futhi ngaluphi usuku.