LIVELE lakhiphela ulaka lalo ezintathelini iphoyisa eliboshelwe icala lokubulala unina, libuza ukuthi zifunani enkantolo nokuthi zivumelekile yini ukucoshela okuqhubeka ecaleni?
UConstable Lungisani Xaba (48) ubekade evele eNkantolo yesiFunda yasePinetown, izolo.
Ungenisane nezintatheli nentombi yakhe enkantolo yena esuka ezitokisini. Ube esenza izimpawu okomuntu obuza ugwayi entombini.
Emuva kwalokho, ube esephakamisa isandla edonsa amehlo emantshi, wacela ukudlana indlebe nommeli wakhe ongowomdabu waseNdiya, kwasondela notolika ezobalekelela batholane ngenkulumo.
Kulowo mzuzu, uXaba uphendule ikhanda, wabuka ngenhla kwehlombe lakhe lakwesokunxele wakhomba ngesandla izintatheli.
Uphimise amagama athi: “Bafunani laba lana? Ngicela ukubuza ukuthi zivumelekile yini izintatheli ukuthi zithamele leli cala enkantolo?”
UXaba obekubonakala ukuthi udiniwe, uthe udaba lwakhe lugcwele yonke indawo, kufundwa ngalo nasejele laseWestville agqunywe kulona.
Izintatheli bezikade zihleli emabhentshini angemuva kwakhe eduze kwebhokisi okuhlala kulona abammangalelwa. Intombi yakhe beyihleli ngemuva kwezintatheli.
Enkantolo kuvele ukuthi uXaba ubonane nodokotela ngoLwesithathu owedlule, omxilongile wase ethola ukuthi akakulungele ukuqula icala ngenxa yokugula anakho.
Udokotela uphinde wabhala, enza isincomo sokuthi yize emhlolile kodwa uphakamisa ukuthi ayohlolwa kabanzi wudokotela wengqondo.
Umshushisi, uMnuz S Govender, ube esetshela inkantolo ukuthi bafuna umbono kadokotela wesibili ngakho kuzomele kuqalwe uhlelo lokuthi uXaba atholelwe umbhede esibhedlela iFort Napier, eMgungundlovu, lapho ezoxilongelwa khona.
Kodwa kugcine kungenzekanga lokho ngoba ummeli kaXaba uvele watshela imantshi ukuthi usekhulumile nommangalelwa ngakho bahlabela phambili necala.
Ummeli ukushaye indiva ukukhononda kukaXaba akwenzile mayelana nezintatheli ekhuluma nemantshi u-B Asmal.
Nebala imantshi ibe isibeka usuku lwango-Agasti 14 nonyaka, ukuze kuqalwe izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala.
Lapha uMbuso nommeli kulindeleke bakhulume ngobufakazi obamukelwayo, obungaphikiswa kubekwe nosuku okuzoqala ngalo icala.
Imantshi ikhale ngokudleka kwesikhathi lingaquliwe icala, yathi kusukela ngoNovemba 2022, efika enkantolo uXaba, akunyakazeki.
Ikhombe ngasohlangothi lukaXaba, yathi ukubambezeleka okuningi kuqhamuka ngakulona.
Abekade engekho enkantolo amalungu omndeni kaXaba ahlale efuna ukuthi kuqale icala khona ezothola umnyombo wesehlakalo sokushona kukamama wabo.
UXaba usolwa ngokushaya ngepulangwe abulale unina, uNkk Greta Xaba (81), owayephila nokukhubazeka.
Isigameko senzeka emzini kamufi KwaDabeka, ngoMeyi 6, 2022, waboshwa ngakusasa uXaba.