UKUGUBHA usuku lokuqhakanjiswa komkhakha wezinkondlo, iWorld Poetry Day, i-UKZN Centre for Creative Arts (CCA), inike izimbongi ithuba lokusina zidedelana ngezinkondlo.
Lokho kwenzeke kuvalwa iTime ofThe Writer, umcimbi wokuqhakambisa ikhono nemisebenzi yababhali, e-Alliance Francice, eMorngside eThekwini.
Umcimbi obuqale ngoMashi 16 wasongwa, kunandise izimbongi esezizakhele igama ngobuciko, uLebohang Masango, Sindiswa “LadyAfrika” Zulu, Vangile Gantsho, Ongezwa Mbele, Pralini Naidoo, Kwanele Nyembe noNhlanhla Mkhwanazi.
Ngaphambi kwabo, kubhule amazolo amaciko asafufusa, uNkosi Cibane, Wandile Isgora Sembongi nabanye.
UThando Fuze obengomunye wababhali abebesemcimbini, uthe nakuba umkhakha wobuciko ikakhulu izinkondlo ungakadlondlobali ngokwanele kodwa kuyajabulisa ukubona zikhula ngale ndlela.
"Okusasihlupha kakhulu yinkinga yokuswela abaxhasi bokusisiza siye phambili. Sikholwa wukuthi ngokuqhubeka kwesikhathi uzogcina ukhule ngokwanele nangokufanele," kusho uThando.
ULuleka Mhlanzi naye ongumbhali oyimbongi, uphonsele ozakwabo inselelo yokuhlonipha umsebenzi wabo wobuciko, ukuze ukhule.
"Lokho kuzosiza ngokuthi nabanye abantu bayihloniphe into esiyenzayo futhi babone kufanele ukusisiza lapho esikhala khona," kusho uLuleka.
ULady Afrika yena uthe kuyamkhathaza ukusalela ngemuva kwamaciko abesifazane emkhakheni wezinkondlo.
"Sisahlalelwe wumsebenzi wokuqinisekisaukuthi wonke amaciko athola amathuba alinganayo, kungakhathalele bulili bawo," kusho uLady Afrika .
Umqondisi weCCA, uMnuz Ismail Mahomed, uthe ibajabulise kakhulu indlela abantu abawuthakasele ngayo umcimbi wabo walo nyaka, obuwenziwa ihlandla lika-26 selokhu wasungulwa ngo-1997.