UFISA ukwenza ucwaningo olunzulu ngomthekela wokuvalela into ekuphathe kabi ngaphakathi ungakhulumi ngayo.
UNkk Esther Novukela waseNewlands East, osanda kwethweswa iziqu zeMaster’s degree in Education aziphase ngamalengiso eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe uke wahlaselwa ingcindezi nokhwantalala nyakenye.
Uthe ngo-2004 kwabulawa uyise ngesihluku lolo daba kwaba yinto engakhulunywa ekhaya ngoba bakhuliswe ngokuthi akumele kukhulunywe ngezindaba ezibuhlungu.
" Umama naye wakhula kanzima ehlukumezeka kodwa akakhulumi ngakho. Uma enabakubo kukhulunywa kuhlekwe kube sengathi into engatheni benzela ukuthi kungabi buhlungu.
Noma sekushone ubaba kwenziwa okufanayo. Nami ngangizitshela ukuthi ngikwamukele lokho kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngagula ," kusho yena.
Uthe uqale waba neziqubu zokuquleka esekilasini efundisa izingane engazi ukuthi kwenzenjani.
Uze wezwa ngo-2020 ukuthi une-post-traumatic stress disorder umsuka wayo ukuthi waphatheka kabi ngokushona kukayise wangavuleleka ngokuphatheka kabi ngenxa yakho, ukuze athole usizo.
" Nyakenye benginezikhawu eziningi zokuquleka bengize ngibe novalo lokuthi ngeke ngikwazi ukuphothula izifundo zami, “ kusho uNkk Novukela.
UNkk Novukela ofundisa uGrade1 kwesinye sezikole eThekwini, uthe ngokubona kwakhe ukungakhulumi ngezinto ezikuphatha kabi kudala ukuthi abantu bazinikele otshwaleni nasezidakamizweni ngokuhamba kwesikhathi abanye bagcine bahlukumeza abobulili obungafani nobabo.
UNkk Novukela walaliswa esibhedlela ngo-2022 ngemuva knokuquleka ngoba ewe, washayeka ngekhanda kubhavu.
"Udokotela wangiyalela ukuthi angiphumule ngingayisebenzisi i-laptop isonto lonke. Lokhu kwenzeka ngesikhathi esibucayi kakhulu sokubhala ucwaningo lwami. Lokhu kwangenza ngacabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukuqeda ngesikhathi," kusho yena.