UTHISHANHLOKO wesikole iNogcoyi Primary KwaNongoma, oshiselwe umuzi nezimoto ezimbili ngeSonto, uthi kusazothatha isikhathi eside ukuthi alungise umonakalo kulandela isigameko.
Ekhuluma nephepha elinguzakwabo weSolezwe. iDaily News uthe okumehlele ngeSonto kufana nephupho elibi asazovuswa kulo.
“Angikholwanga ngibona umuzi wami nezimoto ezimbili phakathi kusha kungqongqa. Isigameko singishiye ngingazi nokuthi ngenze njani. Ngilahlekelwe umuzi nakho konke obekuphakathi okufaka phakathi ngisho nezimoto,” kusho uNkk Barbie Mbatha.
Uthe akangabazi ukuthi kuzothatha isikhathi eside ukuthi izinto zibuyele esimeni emva kokulahlekelwa yikho konke anakho.
Echaza ngesigameko uthi ubavuswe umsebenzi wasendlini emtshela ukuthi kuyasha.
“Ngendlela asivuse ngayo ngiqale ngazitshela ukuthi mhlawumbe singenelwa yizigebengu futhi ngendlela obekuyiyo, ubungathi izigebengu sezingaphakathi endlini. Sithe uma sivuka sathola ukuthi umlilo usugcwele yonke indawo,” kusho yena.
UNobhala we-Sadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, ekhuluma neSolezwe izolo, ugcizelele ukuthi basola inhlese yezepolitiki ngesigameko sokuhlaselwa kukaNkk Mbatha.
Usole inyunyana yothisha i-Natu ngokuthembisa ukuthi izozisukumela izigameko zenhlese yezepolitiki ezenzeka kule ndawo osekunesikhathi zenzeka.
“Sifike sikhulume nobuholi obuphezulu be-Natu, buthembise ukuthi buzosondela nganeno ukuze kuqhanyukwe nezixazululo kodwa uma sekuyisikhathi sokuthi kuhlalwe phansi emihlanganweni, bangezi,” kusho yena.
Wenze isibonelo sokuthi esikhathini esedlule kukhona isikhathi lapho uthishanhloko eke wavinjwa khona ngemoto ngumholi we-Natu egatsheni laKwaNongoma, baluveza lolo daba, ubuholi be-Natu bathembisa ukungenela kodwa kwangenzeka.
UNobhala Jikelele we-Natu, uMnuz Doctor Ngema, uthe kungokuqala bezwa ngesigameko sokuvinjwa kukathishanhloko ngemoto.
Uthe kuyingozi ukuthi ubuholi be-Sadtu busheshe bukhombe ngeminwe abathile kube kusalindelwe ukuthi kwenziwe uphenyo.
“Nathi sinazo izigameko zokuhlaselwa kwamalungu ethu kuleya ndawo njengesigameko lapho usekela-sihlalo wenyunyana yethu KwaNongoma eke wahlaselwa ngabantu ebebedubula kwakhe kodwa asikaze sikhombe muntu ngeminwe,” kusho uNgema.
Weluleke ngokuthi akuyekwe izinhlaka zomthetho ukuthi zenze umsebenzi wazo.
“Ngokuveza lokhu angisho ukuthi asingabhekisiswa isigameko saKwaNogcoyi kodwa kulezo zinsolo ezikhona zokuthi ngobani abangahle bathinteke, akudedelwe umthetho udlale indima yawo,” kusho yena.
Ubuye waveza nokuthi kwezinye izikhathi baye bathole ukuthi uMnyango wezeMfundo ne-Sadtu babiza imihlangano esithe okufanele ngabe nabo (iNatu) bayingxenye yayo.