INZIMA impilo kowesilisa waseShowe okuvela ukuthi ushonile yize esadla anhlamvana.
UMnuz Muziwandile Mkhwanazi akasakwazi nokukhipha imali ebhange njengoba kwavalwa ama-account akhe asebhange ngesonto eledlule kulandela ukuthi uMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitifiketi esikhombisa ukuthi ushonile.
UMkhwanazi uthe utshelwe ukuthi washona ngokudutshulwa ngesonto eledlule.
Umbiko wokushona kwakhe uveza ukuthi wadutshulwa eseMontclair, eThekwini, isidumbu sakhe sayiswa emakhazeni asePinetown.
Kuvela ukuthi isidumbu sakhe sasayinelwa owesifazane waseLamontville.
UMkhwanazi uthe akamazi owesifazane okuthiwa wasayinela isidumbu sakhe futhi uthe wayengekho eThekwini ngosuku okuthiwa wadutshulwa ngalo.
UMkhwanazi uthe ngosuku lwesigameko wayesoLundi, nokuyilapho ehlala khona.
Uthe ngaleli langa wayelungiselela ukuya eNewcastle lapho uMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal, awusebenzelayo, wawunomcimbi khona.
UMkhwanazi uthe akasakwazi ukunakekela umndeni wakhe.
“Angikaze ngiyizwe into enje ukuthi kuthiwe ufile ekubeni ungafile. Ngiphethe isitifiketi esikhombisa ukuthi ngifile ekubeni ngiphila. Impilo imile. Angikwazi ngisho ukukhipha imali. Ngisho kungagula ingane manje ngeke ngikwazi ukuyiyisa kwadokotela ngoba i-medical aid ngeke ikhokhe.
“Umndeni wami uphila kanzima. Njengamanje ikhadi lasebhange likankosikazi selihlala kumina ngoba ngingumuntu ohamba kakhulu ngokomsebenzi engiwenzayo. Ngiphila kabuhlungu ngiyisakhamuzi esisebenza ngokuthembeka, kuthiwa ngifile ekubeni ngingafile. Angisaphili kahle ngiyisakhamuzi ngoba kuthiwa ngifile.”
UMkhwanazi uthe usola ukuthi inkinga yaqala mhla elahlekelwa isikhwama esasinomazisi wakhe kanye namakhadi asebhange ngo-2018, ngesikhathi eseThekwini.
“Kukhona umuntu owazama ukukhipha imali kodwa wehluleka. Emva kwalokho ngabe sengishaya umazisi omusha. Ngisola ukuthi abantu abathola umazisi wami bangifaka ngaphansi komshwalense.”
UMkhwanazi uthe ufuna ukuthi bajeze abathe ufile ekubeni esaphila.
“Ekugcineni kufanele kugezeke igama lami njengoba kuthiwa ngifile ekubeni ngingafile. Akukwazi ukuthi kungathiwa ngifile ekubeni ngingafile. Le nto ingibangela amabhadi ukuthi kuthiwe ngifile ekubeni ngingafile, mhlawumbe isho ukuthi ngizosheshe ngife.”
UMkhwanazi uthe uyasaba ukuthi labo abaphezu kwalo mkhonyovu bazozama ukumbulala ukuze bacishe ubufakazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya icala lokukhwabanisa, wathi bekungakaboshwa muntu.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uMnuz Siya Qoza, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe ngoLwesihlanu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kowesifazane owasayinela isidumbu sikaMkhwanazi ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.