LISULILE ikhansela le-IFP kuMasipala wase-Alfred Duma eliboshelwe ukudlwengula oneminyaka engu-14.
Leli khansela elineminyaka engu-52 liboshwe ngoLwesibili. Izolo livele eNkantolo yeMantshi eZakheni, icala lahlehlela u-Agasti 25.
Ngokuthola kweSolezwe leli khansela liqale ukudlwengula umgilwa ngoNovemba wangonyaka owedlule.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukuqinisekisile ukwesula kwekhansela.
“Emva kokuvela kwezindaba zokuthinteka esigamekweni sokudlwengula, ube eseyalelwa ukuthi asule. Nangempela siyitholile incwadi yokwesula.
Siyinhlangano sizodedela umthetho ukuba wenze okwawo, futhi sithathe izinyathelo zangaphakathi eqenjini.”
UHlengwa uthe abahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Ngithi angikusho ukuthi sizohlezi sithatha izinqumo ngokuphazima kweso uma sibikelwa ngezigameko ezifuze lezi. Sizoqhubeka nokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane futhi ngeke sibafuye labo abasolwa ngalezo zenzo.
Sizoqhubeka nokulwela ukuthi abagilwa balolu dlame bathole ubulungiswa futhi sizoqhubeka nokweseka abagilwa nemindeni yabo.”
Leli akusilona ikhansela le-IFP lokuqala ukuboshelwa ukudlwengula umuntu oneminyaka engaphansi.
Ngo-2021 ikhansela lale nhlangano kuMasipala waKwaDukuza laboshelwa ukukhulelisa umfundi owayeneminyaka engu-15 ngaleso sikhathi.
Kuthiwa laliqale ukulala nalowo mfundi eseneminyaka engu-14.
Kuthiwa ikhansela lathembisa ukwakhela umndeni kamgilwa indlu, futhi lalinikeza umgilwa uR100 njalo emva kokuya naye ocansini.
Njengamanje leli khansela ligqigqa enkantolo. I-IFP yathatha isinqumo sokulimisa.
Unobhala we-ANC kwisifunda iJosiah Gumede, uMnuz Bonga Hlomuka, uthe kuyabakhathaza ukwanda kwezigameko zabaholi be-IFP ababoshelwa amacala okunukubeza ngokocansi.
"Kuyishwa ukuthi lesigameko senzeke ngo-Agasti, okuyinyanga yabantu besifazane. Okubuhlungu ukuthi imiphakathi ilindele ukuthi abaholi kube ibona abayivikelayo. Ngithi angikusho ke kodwa ukuthi akusethusi ukuthi lomholi uqhamuka kwi-IFP. Phela kuyaziwa ukuthi i-IFP ayibathatheli zinyathelo abantu abenza amacala alolu hlobo."
UHlomuka unxuse ukuba umsolwa anganikwa ibheyili.
"Sinxusa ukuba izinkantolo zisabele ikhwelo likamengameli lokuba banganikezwa ibheyili ababoshelwa amacala okunukubeza ngokocansi kanye nawokuhlukumeza ngokobulili. Sinxusa zonke izinhlaka zomphakathi ukuba zibike ngamacala aloluhlobo. Sinxusa zonke izinhlangano ukuba zisigxeke lesigameko."